LIPHENDUKE indawo encane ihhotela iPremier eliseMhlanga, emcimbini weSolezwe, Intandokazi.
Lo mcimbi wabesifazane obuhlelwe yiSolezwe, ubuhlanganise imbokodo esemikhakheni ehlukene kusukela kosomabhizinisi abangonjiniyela, abammeli, abezokuvakasha nabanye, ngenhloso yokuthuthukisana.
Ubumnandi buqale ekuseni ngesikhathi kusabhaliswa, bonke abebeyingxenye yomcimbi banikezwe amakhadi amancane aqinisekisa ukuthi bazohlomula okuthile emincintiswaneni ebihleliwe.
UZimiphi Biyela, ongumsakazi woKhozi FM, wenza umsebenzi omuhle njengomphathi wohlelo. Akagcinanga ngokuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle kodwa le ntokazi ibibuye iqhulule amanoni amnandi ashukumisa igumbi lonke.
Ubengukhiye wemiklomelo, bonke abantu bebedla entendeni yesandla sakhe ngendlela ebelusingethe kahle ngakhona uhlelo.