IZINWELE zokufakelwa ezimba eqolo neziqhamuka kwamanye amazwe selokhu zangenisa kwabesifazane bakuleli eminyakeni eminingi edlule njengoba sekwande uhlobo oluthe ukwehluka noseludale ingcindezi nakwabesilisa. Lolu hlobo lwezinwele lwaziwa nge-frontal.
Okwenza lezi zinwele zimbe eqolo futhi zingaphumi esitayeleni ukuthi zihlukene ngamazwe nezitayela nokwenza ibenkulu ingcindezi yazo. Muva nje, kungenise indlela yokuzifaka noma eyokuzixhuma nendlela ama-wig akhona athungwe ngayo nabizwa nge-frontal wig. Lolu hlobo lwesitayela sihamba phambili ngoba sizishaya sazinwele zakho phambili futhi uyakwazi ukusivula imigqa ehlukene noma ubophe igoda.
Lokhu sekuholele ekutheni neningi labesilisa likhihle isililo ezinkundleni zokuxhumana lizwakalisa ilaka lalo ngengcindezi eliyifakelwa yizintombi, amadodakazi namakhosikazi ngokufuna i-frontal wig. Iningi labesilisa alikakayazi kahle futhi noma selithola ukuthi yizinwele, lididwa ukuthi zehluke ngani kwezinye ngoba abesifazane bakuleli selivele iningi labo linazo lezi zinwele.
Lokhu sekuze kuqubula umsindo nangokuhlukana kwamazinga e-frontal, sekukhona uhlobo lwabasemalokishini, emadolobheni nasemakhaya nokuyinto esiphenduke umdlalo.
"Bakwethu ngikhathele ukuzenzisa, yini kanti i-frontal," kubuzuza uNtebogeng.
“Abesilisa abazi nge-frontal abasabheki emuva,” kusho omunye.
"Sifile njengoba lobu obunye ubulili sebazi nge-frontal," kusho uNokuthula Mahlangu.