KUTHATHWA njengengqophamlando okwenziwe ngabaphathi beMiss SA, okokuthi baqashe ithimba labesifazane kuphela elizoqopha uhlelo lwempilo yangempela oluthi Crown Chasers, oluzodlala kwithelevishini.
Isikhulu seMiss South Africa, uStephanie Weil, sithi nonyaka senza okuhlukile. UWeil waziwa ngomsebenzi wokuthuthukisa nokushintsha indlela obukeka ngayo lo mncintiswano wozime.
“Kulo nyaka, inhlangano yethu ikhethe inkampani iBlack Swan Media, nethimba labesimame ukuthi baphathe umsebenzi wokuqopha umcimbi omkhulu womncintiswano,” kuchaza abenhlangano ngesitatimende.
Umcimbi omkhulu uzoba ngo-Agasti 13, eSunBet, eTime Square ePitoli.
Ukuqokwa kwethimba labesifazane kushintsha indlela okwenzeka ngayo izinto nokuthathwa kwezinqumo ohlelweni. Kukhombisa ukuthuthukiswa kwabesifazane ukuze kube nempokophelo nogqozi kubona ikakhulu enhlanganweni, iMiss South Africa.
Ephawula ngesinqumo sabo, uWeil uthe: “Samangala uma sibona ukuthi phambilini, akukaze kube nethimba labesifazane elilawula ukuhlelwa komcimbi osazakwa bukhoma kumabonakude. Kulo nyaka, umcimbi uzohluka kakhulu nangendlela obukeka ngayo.”
Uqhube wathi ithimba lizoqopha uhlelo lwempilo yangempela yezintokazi ezingu-10, ezisembangweni wesicoco. Kuzobonakala konke okwenzeka ngaphambi komcimbi omkhulu, nokuyinto athemba ukuthi izoheha ababukeli.