UPHIKO lwezengqephu eDurban University of Technology selumi ngomumo ngomcimbi wombukiso wengqephu waminyaka yonke ozoba namhlanje ngo-6 ntambama ophikweni lwayo iBrickfield, eThekwini, okuhloswe ngawo ukugqamisa ikhono lezitshudeni.
Kulo mcimbi okungenwa mahhala kuwona, kuzogqanyiswa imisiko yezitshudeni ezenza unyaka wesithathu we-Diploma in Fashion, eze-Advanced Diploma ne-Postgraduate, lapho zizosina zidededela khona, zivezela abantu ubuciko bazo bomswenko.
Inhloko yalolu phiko, uNksz Tando Mbanga, ithe umcimbi uzoba wusizo kakhulu kwizitshudeni ezenza unyaka wazo wokugcina ukukhombisa imisebenzi yazo kubantu abazi kangcono ngale mboni, kanjalo nakubantu abazobe behambele umcimbi.
“Sekuyiminyaka eminingi kakhulu senza lo mcimbi njalo ngonyaka, kanti sijabule kakhulu ngomehluko owenzayo nosiza izitshudeni ukuthola amathuba okuqhakambisa ubuciko bazo, okuzozisiza zikwazi ukuzimela uma seziqedile,” kusho yena.
Eqhuba, uthe nonyaka ingqikithi yomcimbi ithi Behold The I, abayisusela enkondlweni ye-lecturer yezifundo zemfashini yakhona eDUT, uLee Scott Hempson, ukuqhakambisa ukwazi imvelaphi yakho, nokuqonda ngokuphelele lapho uya khona.
Kulo mcimbi kuzojaja oNombulelo Madondela onamava eminyaka ewu-10 kwezemfashini, umakadebona kwezokusikwa kwengqephu uMichelle Dindi nenye yama-lecturer ezifundo zemfashini akhona e-DUT, u-Ann-Maries Tully.
Izitshudeni zizoqhudelana eminxeni okukhona kuyona owe-Best Range on Show, Most Innovative Range, Most Commercial Range ne-Best Technical Range.
“Sijabule futhi sigculisekile ngezinga eliphezulu elikhonjiswe yizitshudeni ngesikhathi zimatasa nemisiko yazo ezizogaba ngayo emcimbini, esikholwa wukuthi kuzokwenza amajaji athwale kanzima ukuqoka onqobile,” kusho uNksz Mbanga.