IBIGABE nangemisiko yezingane ingqephu yeDurban Fashion Fair (DFF) nonyaka, futhi ibiyingxenye yombukiso wamabhizinisi iDurban Business Fair, obuse-Exhibition Centre nase-ICC eThekwini, kanti ibihlelwa uMasipala weTheku.
I-Enhle Babes Couture ibageze ubebebe abazali, nabathandi bengqephu ngemisiko yezingane esezingeni eliphezulu. Bebekhona nabanye abasiki bengqephu beshiyelana inkundla okubalwa noSicelo Dlezi weYastar. Bathole ingqayizivele yethuba abe-Enhle Babes Couture, nabeYastar yokusebenzisana nokufaka imikhiqizo yabo esitolo esikhulu sezimpahla zokugqoka, i-Edgars.
Kuzokhumbuleka ukuthi iDFF ibuye inikeze abakhangisi bengqephu ithuba lokucijwa bese beklonyeliswa. Nonyaka udle ubhedu uLungelo Buthelezi, wawashaya emakhanda amageza ezinsizwa, kwathi uNokwazi Makhathini wamela izintokazi kanti noZandile Mande udle umhlanganiso esigabeni sezintokazi ezondlekile ngomzimba.