UKUSHINTSHA kwesimo sezulu ngempelasonto njengoba belibanda lishubisa umnkantsha liyidliva akuzange kuvimbe umswenko kumabhinca ebehambele okamaskandi. Amabhinca, osomabhizinisi, osopolitiki nosaziwayo bebeswenke beconsa ngempelasonto eMoses Mabhida lapho bekubanjelwe khona indumezelu yomcimbi kamaskandi iMpucuzeko. Selokhu kube nalo mcimbi abantu abawuvali umlomo ezinkundleni zokuxhumana ngendlela izinga lengqephu elibukeka likhule ngayo kulo nyaka.Yize lo mcimbi uhlala ubakhona kodwa izinga lemfashini libukeka libe phezulu kulo nyaka nosekulindeleke ukuthi kubonakale minyaka yonke lokhu njengoba bethathekile abaningi kwezokuxhumana.
Le miswenko ibihamba ngezigaba ezihlukene njengoba bekukhona ebebeziphihle ngamabhulukwe abesilisa ahamba phambili aziwa ngoBrentwood. Bezikhona nezikhothane ebezishaye amahembe atatazelayo nezigqoko zohlobo lwama bowman ezikhonzwe kakhulu kulo mkhakha.
Izintokazi nazo bezingazibekile phansi bezivunule ziconsa ngezindlela ezehlukene kwazise beziqhamuka emadolobheni ahlukene. Izintokazi bezihlobe kahle ngeziketi nobuhlalu besimanje obusetshenziswa nakwimisiko yokuswenka. Abesimame esebeshadile nabo bebevunule behlobe kahle ngeyesintu, abanye bebebhincile besebenzisa imvunulo ekhonzwe kakhulu emakhaya asadla ngoludala.
Lokhu akubonakalanga nje kuphela kubathandi bomculo kodwa nakosopolitiki njengoba ebekhona noMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa nowakwakhe uNkk Thandeka Hlabisa. Abasakazi beziteshi ezahlukene nabo bebekhona bevunule ngezindlela ezahlukene kulo mcimbi.
Ngaphandle koswenka bebekhona nabajwayele ukubonakala minyaka yonke abalandela amaqhawe abo emculweni nabazihlukanisa ngemibala njengamaBlue nation alandela uKhuzani nabanye.