BAZOKHANGISA ngemisiko ekhethekile ukugubha inyanga yamagugu esintu ongoti bezemfashini abahlonishwayo eThekwini. INguni Shades kaNosipho Diko noShaun Majola ngokubambisa nePlayhouse, bazoba nombukiso wemisiko yesintu kusukela kusasa ngoMeyi 24 kusukela ngo-6 ebusuku.
INguni Shades izobe igabisa ngemisiko ehambisana nomlando wesintu wakuleli okuhlanganisa amasiko ezinhlanga zakuleli ezahlukene. Lokhu bazobe bekwenza ngokuzimela, konke lokhu behlanganisa imisiko emisha ezoba sezingeni eliphezulu nezokwazi ukuxoxa indaba ngamagugu akuleli.
UMajola uthe imisiko yabo izobe ithungwe yibona ngqo kodwa baphinde banika ithuba abathungi abasafufusa kwezemfashini okubalwa nabafundi bamanyuvesi ahlukene. Kulaba bafundi kubalwa abaphuma eDurban University of Technology neNelson Mandela University of Technology.
"Sizobe sikhangisa nabafundi abaqeqeshwa ngaphansi kweNguni Shades. Abafundi esinabo abazokugcina nje ngokuthola leli thuba kodwa bazocotshelelwa ngolwazi lwezemfashini izinyanga eziyisithupha," kusho uMajola.
INguni Shades kuzokhumbuleka ukuthi ingenye yamalebuli engqephu ahlonishwa kakhulu kuleli nakwamanye amazwe ngokusebenzisa izindwangu ezisezingeni eliphezulu kanjalo nokuthunga imisiko ehlukile ebeka iNingizimu Afrika ebalazweni naphesheya kwezilwandle. Minyaka yonke ikhipha nemifundaze yezemfashini yokuthuthukisa abasiki bengqephu ngolwazi kulo mkhakha.