Bakhale bemuka nesamba sikaR54 000 abasiki bengqephu baKwaZulu-Natal abanqobe emikhakheni emithathu yomncintiswano wezemfashini yomjaho wamahhashi, iDundee July, obuseDundee Racing Track, eDundee ngoMgqibelo.
Kulo mcimbi obubuya ihlandla lika-19 njengoba waqala ngo-2005, kuqhudelane abasiki bengqephu abayishumi emikhakheni emithathu yengqephu.
Abanqobile bahlabane ngo-R10 000 ngokwehlukana kwemikhakha, kwathi abendawo yesibili bathola umthobanhliziyo ka-R5 000 no-R3 000 kwabalale isithathu.
Umncintiswano ubuxhaswe wuMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, yiMTN nebhange Ithala.
Kwi-Best Female Wear, ebheka imisiko emihle yabesifazane, kunqobe uBrenda Warren waseMgungundlovu, Binca Swaga noSmangele Mbanjwa, endaweni yesibili neyesithathu.
Kwi-Best Male Wear, ebheka imisiko emihle yabesilisa, kuhlabane uSizwe Sokhela waseDundee, Mlu-K noBinca Swaga, endaweni yesibili neyesithathu.
Kwi-Most Creative, ebheka imisiko emihle neyenziwe ngendlela ehlukile kunayo yonke, kunqobe uNosibusiso Mbali waseMgungundlovu, uLindo Mathebula endaweni yesibili noNokwanda Ndlovu kweyesithathu.
UNosibusiso wenkampani yemfashini iMbaleez Apparel, uthe ukuthanda ubuciko namasiko kwenze kwalula ukwenza imisiko ezohambisana nendikimba yosuku.
“Ngisebenzise lokho ukwenza imisiko ehlukile kweyabanye nehambisana nesikhathi ibe futhi iqhakambisa amasiko akithi. Ngijabule kakhulu ngokunqoba, ngizosebenzisa le mali ukuthenga indwangu yokwenza izimpahla engizozidayisa,” usho kanje.
USizwe yena uthe uqaphele ukuthi eminyakeni edlule abantu abahloba ngemisiko yesintu, benza ngendlela efanayo ngengqephu egqize ngobuhlalu, wase enza ngendlela yesimanje kodwa futhi engalahli indikimba yomcimbi i-African Jewel.
UMnuz Xolani Zulu wethimba elihlela ezemfashini yeDundee July, uthe ibahlabe umxhwele indlela abasiki bengqephu abalandele ngayo indikimba yomcimbi, futhi wabancoma ngokukhombisa kwabo ukuthi abafuniseli ngomsebenzi.
Isikhulu sezokumaketha eThala, uMnuz Sandile Xolo, sithe wumsebenzi wabo ukuxhasa abantu abenza izinto ezinhle emphakathini, yingakho sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-20 besebenzisana nabeDundee July. Uthembise ukuthi bazoqhubeka bayixhase futhi eminyakeni ezayo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, ushayele ihlombe uMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko noMasipala waseNdumeni, ngokuhlela lo mcimbi athe kusiza kakhulu ukufukula umnotho wezindawo zasemakhaya.