USAZIWAYO wodumo loThando Nesithembu neGumbi Lamakhosikazi, uNokukhanya MaYeni Mseleku, ukhuthaza abesifazane abathe xaxa ngemizimba, ukuba bamukele imizimba yabo.
Ukhuluma kanjena nje uMaYeni, uzobe eyingxenye yombukiso wengqephu yabondlekile, iNo Big Deal Fashion Expo, eHouse of Food, KwaMamdekazi eMariannhill, namhlanje ngo-5 ntambama. UMaYeni ungumnikazi welebuli yezimpahla zokugqoka, iMaYeni's Fashion Collection.
"Sifuna abesifazane abondlekile baziqhenye ngendlela abami ngayo, ngoba kasinaso isakhiwo esifanayo. Sifuna baqonde ukuma kwabo nokuthi bazi okungafanela imizimba yabo," kusho uMaYeni, oshade noMusa Mseleku futhi osesithenjini noBusisiwe MaCele, Thobile MaKhumalo noMbali MaNgwabe.
Umgqugquzeli womcimbi, uNtokozo Nkosi, uthe imboni yengqephu ishaya ngonyawo lonwabu ukwamukela ubuhle obudidiyele. Uthe iNo Big Deal igqugquzela abantu abondlekile ukuba banethezeke ngemizimba yabo.
“basiki bengqephu banikezwe inkundla yokuba bakhiphe ubuciko babo ngokuqhamuka nemisiko yemizimba ehlukahlukene. Bakhiphe nje ubhozo nobuchule emsebenzini wabo," kusho uNtokozo.
Eqhuba uthe eminyakeni eyedlule bekuba nzima ebantwini abondlekile ukuba bathole izimpahla ezibalinganayo ezitolo ngenxa yokuthi abasiki bengqephu bebethungela kakhulu izintokazi ezingamalambalidlile.
"I-No Big Deal isebenzisa inkundla yayo ukugqugquzelaabesifazane ukuba bangazenyezi ngemizimba yabo, futhi babuyise ukuzethemba."
Uthe iNo Big Deal izofakazela ukuthi abantu besifazane banoma yimuphi usayizi bangazizwa bebahle, bezethemba yize begconwa futhi iyabagqugquzela ukuba bangavumeli imibono engasile ngabo ibakhubaze emoyeni.
Uthe sekuzophela ukubukeleka phansi kwabesifazane abanonophele njengoba sebezoqala uhambo lokuzifukula, ngokuvumela abasiki bengqephu ukuba baqhakambise imisiko yabo.
Omunye wababambe iqhaza emcimbini nguThobe Mkhize weKhabazela Boutique. Uhlelo luzobe luphethwe ngokuhlanganyela nguCheeze Intezimnandi noKhethiwe Dladla.
Izithameli zizobe zingena emnyango ngoR50 kodwa kunxuswe ukuba zibekise indawo ngoba amathikithi adayisa ubuthaphuthaphu.