ULOKHU usematheni kwizakhamizi zakuleli umsiko kanokusho obonakale nozime wakuleli kowozime. UZozibini Tunzi obengomunye wezicukuthwane ebezihambele indumezulu yomcimbi kaMiss South Africa eTime Square ngoMgqibelo, uqhamuke ezithanqaze ngomsiko ongajwayelekile ophenduke undabuzekwayo kwezokuxhumana.
Lo msiko uZozibini uveze ukuthi uwugqokiswe ungoti wengqephu uThobeka Maduna Mbane ongomunye wabantu abahlonishwa kakhulu kwezobuciko ngezinto ezahlukene okubalwa nezemfashini. Izakhamuzi eziningi yize bezididekile futhi ziveza ukuthi azisijwayele lesi sitayela ebesigqokiswe lo zime kodwa zilokhu zimtuse njalo ngokuwenza ubukeke kahle. Abantu batusa nendlela uZozibini awenze waba nesithunzi wahlonipheka ngayo lo msiko yize bekubonakala ukuthi akulula ukwehla enyuka ngawo kwazise akusona isitayela sansuku zonke.
"Umuhle kakhulu uNkulunkulu wayebukisa ngawe," kuncoma uQueen Sdudla.
"Umuhle ngelosi yami nalolu hlobo lwengubo," kusho uLadynam.
" Izolo bengisho ukuthi ungikhumbuza uGrace Jones," kusho uLwethu.
Nasekhasini kwi-Instagram kaThobeka abantu balokhu bemncome njalo ngokwenza umsebenzi omuhle ngokuhlanganisela uZozibini lo msiko. Yize kunjalo bakhona nabashaya amakhala ngawo.