NGESIKHATHI abanye besemjahweni wamahhashi iVodacom Durban July, umsakazi woKhozi FM uSipho “Sgqemeza” Mbatha ubembesa ingoduso yakhe. Kusabalale izithombe zikaSgqemeza ehleli nengoduso yakhe befaniselene
. Kusolwa ukuthi umcimbi wabo ubungoMgqibelo.
Kwesinye isithombe uSgqemeza ubonakala embathe ingubo yokukulala, ingoduso yakhe ikhophoza eduze kwakhe, ithwele isicholo. Kushaye isikhathi sokuloba ucingo lwakhe luvaliwe. Abalandeli bakhe bebemhalalisela ezinkundleni zokuxhumana yize yena engazange athi vu ngomcimbi.
Isolezwe lithole ukuthi umembeso ubusoPhongolo kubo kwengoduso yakhe. Igama lengoduso nguZinhle kodwa isibongo sayo asitholakalanga. Abasondele noSgqemeza bathe kabazi lutho ngomcimbi. Ozakwabo asebenza nabo kuKhozi FM bathe bebengazi lutho ngomcimbi kodwa babone izithombe ezinkundleni zokuxhumana.
UHALALISELWE ngabalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana uSipho ‘Sgqemeza’ Mbatha okuthiwa ubembesa ingoduso yakhe uZinhle wasoPhongolo
USqgemeza, ongowakwaCeza, kwaNongoma, usanda kushintshelwa ohlelweni lwasebusuku iSithakela Isizwe emuva kokususwa kolwasekuseni iVuka Mzansi Breakfast Show abelusakaza noNongcebo McKenzie. Akaqali ukuba nengoduso. Ngo-2016 kwabikwa ukuthi uhlukene nobeyingoduso yakhe uNksz Nqobile Mthungo wasoLundi.
UNksz Mthungo, ongummeli, kwavela ukuthi ubesehambise ngisho ingqibamasondo, sekusezinhlelweni zokuthi ziwushaye. Kubuye kwavela ukuthi usenengoduso engudokotela nayo abagcine behlukene nayo. Abamaziyo bathi ujwayele ukungathandi ukuveza obala izindaba zakhe zothando.