UMSHUSHISI woMphakathi uhoxise isitatimende esiveza igama likasaziwayo ongunina wommangalelwa ecaleni lokudlwengula nokushaya.
I-NPA yenza lokhu-nje, kusuke ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana abantu bebuza ukuthi kungani besebenzisa igama lomzali ongathinteki kuleli cala nokuyinto engenziwa uma kukhishwa imibiko?
Abanye abantu bathi uyise waleli bhungu udume kakhulu ukudlula unina ngoba ungummeli futhi uke waphatha izikhundla ezinkulu nezihlonishwayo kuleli, ukuba iNPA ibifuna ukugqamisa umzali bekumele igqamise uyise kunonina ongumlingisi.
Lokhu kumayelana necala likaDonell Mbele elavela mhla intombi yakhe imsola ngokuyidlwengulla kabili. UDonell uvele enkantolo yeMantshi eRandburg ngoMsombuluko, wadedelwa ngebheyili kaR1000.