INDLOVUKAZI yegqom’, uBongekile “Babes Wodumo” Simelane-Maphumulo, uyaliphika icala lokushaya umdayisi wengqephu, uPhilisiwe “Philly” Mhlongo ngoMashi 12, nyakenye.
UBabes ubekhuluma ngesikhathi kuqala ukuqulwa kwaleli cala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, namhlanje. Ubevele phambi kwemantshi uNtokozo Myeni nomshushisi uNtokozo Ngema.
Kube sekubizwa uPhilly ukuba azochaza ukuthi kwenzekani ngosuku lwesigameko.
UNksz Mhlongo uthe kwafika uBabes lapho esitolo sakhe sezingubo esikuWest Walk, eThekwini, ehambisana nonogada nabadansi bakhe. Uthe babebonakala ukuthi baphakanyelwe umoya.
Uthe baqala bathi bafuna ukuzobona izimpahla zakhe kodwa kwathi esemi esangweni, uBabes wavele wambuza ukuthi ulifake ngaliphi igama lakhe embhalweni wakhe awulobe kwi-Facebook? Uthe wabe esemqhumisa ngempama.
UNksz Mhlongo uthe wabe esevula isango ephumela ngaphandle kanti uBabes nonogada bazomdonsa bemhlanganyela, wathi wasizwa ukutheleka konogada basebhilidini.
Eqhuba, uNksz Mhlongo uthe oBabes baqhubeka bayongena phakathi lapho esebenzela khona, bafike bafuna ukucekela phansi impahla yakhe.
Uthe nalapho wasizwa onogada baku-West Walk ababakhipha base benxusa ummangali ukuba abuyele ngaphakathi maqede akhiye isango ukuze oBabes baphume baphele kule ndawo. Nebala uthe oBabes bahamba bangabe besabuya.
Ebuzwa inkantolo ukuthi ukhona yini owayeqopha lesi sehlakalo, uNksz Mhlongo, uthe kwakungamakhamera aku-West Walk ayethwebula konke okwakwenzeka.
Udaba lwe-video olwenze lolu daba lwaguqa.
UBabes utheleke enkantolo ephelezelwa nguyise, uMnuz Welcome Simelane, kanye nomunye wabadansi bakhe kuphela. Lapho kuhlala khona izithameli bekushaya umoya.
Lo mculi wodumo lwengoma ethi Wololo, ubeswenke ngezimpahla ezimnyama bhuqe, okuyijazi nebhulukwe le-leather, isikibha esinomikhono emide nama-boot e-leather kanti izinwele bezidaywe zisagolide. Icala lihlehlele uMsombuluko.