ZIMKHALELE owokufika kuleli obezama ukubhalisa emkhandlwini olawula othisha kuleli iSouth African Council for Educators (SACE), esebenzisa incwadi engumkokotelo yaseMnyangweni wezaseKhaya.
Ngokwesitatimende seSACE, owesifazane uboshwe amaphoyisa ezama ukubhalisa ekomkhulu lalo mkhandlu eCenturion, eGoli.
Isitatimende siveze ukuthi ubezama ukubhalisa ukuze athole isitifiketi kwiSACE.
Ukuze ukwazi ukufundisa kuleli kumele ube nesitifiketi esiveza ukuthi ubhalisile kwaSACE.
“Uboshwe amaphoyisa aseLyttleton. Selokhu kuqale unyaka babili abantu asebeboshiwe abebezama ukubhalisa ngeziqu zomgunyathi. Basuke bethatha amashansi bezama ukungena emkhakheni wokufundisa,” kusho iSACE.
Ithe uzobekwa amacala okuzama ukuqola esebenzisa imiqingo engumgunyathi.
“Sinxusa ukuthi abantu bangafaki izicelo besebenzisa izinto ezingumkokotelo. Uma ubanjwa uyobhekana nengalo yomthetho.”
Lo mkhandlu uthe abafundi bakuleli kumele bafundiswe abantu abaneziqu ezingu-ngqo, futhi ababhalisile.
“Uma uthatha amashansi sizokubamba,” kuxwayisa iSACE.