YIZE iKwaZulu-Natal beyigadla ngezintokazi ezine kwiTop 30 kaMiss South Africa wakulo nyaka kodwa ayikho edlulele kwiTop 12 ezodlana imilala eSunBet Arena at Time Square, ePitoli ngo-Agasti 13. Lesi sifundazwe besimelwe kwiTop 30 ngo-Anelisa Nxele (22) waseNanda, Angie Mkhwanazi (23) waseThekwini, Sibusisiwe Zwane (20) wasePort Shepstone noThandolwenkosi Hadebe (22) waseBergville.
Lezi zimomondiya ziqunjwe phansi ngo-Ane Oosthuizen (25) waseVanderbijlpark, eGauteng, u-Anke Rothmann (23) waseNorthern Cape, Bryoni Govender (26) waseKempton Park, eGauteng, uHomba Mazaleni (23) wase-East London, e-Eastern Cape, uJordan Van der Vyver (27) waseDurbanville, eWestern Cape, uKeaoleboga Nkashe (27) wase-Itsoseng, eNorth West, uLebohang Raputsoe (24) waseSharpville, eGauteng, uLevern "Donnatella" Jose (23) waseKimberley, eNorthern Cape, uLungo Katete (26), eMidrand, eGauteng, uMelissa Nayimuli (27) waseButterworth, e-Eastern Cape, uNande Mabala (25) waseZwelethemba, eWestern Cape noNatasha Joubert (25) waseTshwane, eGauteng. Lezi zintokazi bezihlungwa ngamajaji, okungoBokang Montjane-Tshabalala owaba nguMiss South Africa ngo-2010, uNobukhosi Nkosi ongumsiki wengqephu nomswenkisi nesikhulu sikaMiss South Africa Organisation, uStephanie Weil.
Ngonyaka owedlule, iKZN yayimelwe kwiTop 12 nguLuyanda Zuma no-Ayanda Thabethe baseMgungundlovu. Sekungumlando ukuthi u-Ayanda walala isibili futhi kwala kancane ukuba adle umhlanganiso. Ngo-2021 uLalela Mswane waseMfolozi, nguye owakhala wemuka nalesi sicoco.