UMLINGISI ozakhele igama edlala indawo ephambili emidlalweni efana ne-Hostela, neMbewu uNkanyiso Mchunu, usezoshubisa izinto empilweni yomndeni wakwaMvelase nebandla lamaJudiya njengoba ezobonakala emdlalweni uMkhokha.
UNkanyiso uzobonakala elingisa indawo kaMlungisi, indodana kaMaMzobe(Deli Malinga) abeyifihlile ayithola esathandana nowayengumholi webandla uMvelase ongasekho.
Kulo mdlalo uzoqala ukubonakala ngesonto elizayo njengoba uMaMzobe ezoveza incwadi yasenkantolo eshoyo ukuthi uyena okumele ahole ibandla kuphume uSiphamandla (Nay Maps).
Umthombo weSolezwe opotshoze lezi zindaba, uveze ukuthi uNkanyiso wavela kulo mdlalo usaqala kancane kodwa manje indawo yakhe azoyilingisa izoba yinde kodwa ngeke ize ithathe izinyanga ezingaphezu kwezintathu.
“Uzonyakazisa nje kuphela kulempi kaMaMzobe njengoba efuna ukuthatha ibandla, bese futhi indawo yakhe isheshe iyaphela. Akuyona indawo ezomhlalisa isikhathi eside kodwa kusuka manje uzobonakala cishe kuzona zonke iziqephu bese kuyaphela ngaye futhi ezinyangeni ezizayo. Indawo ezokwenza lo mdlalo uthakaselwe nakakhulu,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi kulo mdlalo abekho abanye abalingisi abasha manje abazobonakala kuwona, njengoba bonke abakhona izindawo zabo zisazohamba ibanga elide.
“Impi yesihlalo inkulu. Kubonakala ukuthi uMaMzobe akafuni ukuyiyeka, kula kuphoqe khona ukuthi kufunwe umlingisi omusha ozofika azoshukumisa umndeni wakwaMvelase njengoba kucaca ukuthi uDifa(Sibonile Ngubane), akayingeni eyokulwela ukuhola ibandla,” kuchaza umthombo.
Ubuzwa ngendaba kaShauwn Mkhize oke wabonakala efaka ivideo yakhe ku-Instagram eveza ukuthi uzobonakala kulo mdlalo, umthombo uthe akucaci kahle kodwa nabo ngaphakathi bake bezwa ukuthi uzoba yingxenye yalo mdlalo.
“Akukho asakushuthile manje, sike sezwa nje ukuthi uzoba khona kulo mdlalo, kodwa akukho okubambekayo esinakho ngaye,” kuphetha umthombo.
UMzansi Magic ubuzwa ngalaba uveze ukuthi abalingisi kulo mdlalo basazoshintsha njengoba umdlalo uwuchungechunge.
UPortia Hlongwane okhulumela isiteshi uveze ukuthi kuningi okusazobonakala kulo mdlalo futhi abantu bazojabulela ukubona abalingisi abasha njalo njalo.