U-2024 uzisikele kwelinonile njengoba ugadle kwazwela kushona ubuthaphuthaphu abalingisi emikhakheni ehlukene yezobumnandi nosopolitiki.
Ukudlula emhlabeni kosaziwayo kushiye abantu bemangele kwabanye kwaba buhlungu izinhliziyo ngenxa yothando abebenalo ngalabosaziwayo.
Kosaziwayo bakuleli abasishiyile kulo nyaka kukhona:
UConnie Chiume. Lo mlingisi obonakale emidlalweni eminingi kusuka ngeminyaka yawo-1980, ushone ngo-Agasti ngemuva kokugula isikhashana.
Washonela esibhedlela saseJohannesburg, kwamangala abaningi kuvela izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni njengoba kwakungakaze kuvele ukuthi uyagula. Le nkakha yomlingisi yayihlonishwa kakhulu ngenxa yokulingisa kwayo ngobunono indawo kaMam Sonto emdlalweni iGomora.
Uphinde wabeka elakuleli esicongweni ngokulingisa efilimini yaphesheya ethi Black Panther.
Umsakazi woKhozi FM, uZanele Mbokazi-Nkambule washona ngo-Agasti esibhedlela ngemuva kokugula kusuka ngo-Ephreli.
UZanele obephinde abe usomabhizinisi nomsunguli womcimbi amaSABC Crowm Gospel Music Awards, waveza ukuthi uphethwe isifo somdlavuza wamaphaphu.
Khona futhi emsakazweni uKhozi FM ngoMashi, kwadlula emhlabeni uBheka Mchunu, naye owayesegule isikhathi eside.
UBheka wayesegule izikhawu eziningi esakaza okwakumenza angabe esezwakala ezinhlelweni ezehlukene ayezisakaza.
Kwathusa abaningi ukudlula kwembongi uJessica Mbangeni ngo-Agasti. Wagula isikhashana kwase kuvela izindaba zokuthi akasekho emhlabeni.
Kubalingisi abadala kukhona uSello Motloung naye okwavela izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ngoSepthemba.
Ngayo leyo nyanga uzakwabo uTimmy Kwebulana (83), umndeni wakhe enkundleni yokuxhumana iFacebook waveza ukuthi udlulile emhlabeni ngemuva kokugula isikhathi eside.
Abanye osaziwayo abadlulile emhlabeni kulo nyaka kubalwa umsunguli webandla iRhema Bible Church uPastor Ray McCauley, umlingisi owazakhela igama emdlalweni Isidingo: The Need uDarlington "Papa G" Michaels, umculi obedume ngelikaGeneral eqenjini lomculo iChiskop uSiphiwe Sibisi, uMalome Vector owashona engozini yemoto neciko laseThekwini uLizwi Wokuqala, umsakazi uThabiso Sikwane, umlingisi owashona engozini yemoto uMpho Sebeng, umshayisibhakela uDingaan Thobela, umculi uMapaputsi, umculi wowokholo uSolly Moholo nomlingisi uMichelle Botes, okungumlingisi okugcine kuvela izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ngemuva kokulwa nesifo somdlavuza.
Nakwipolitiki elakuleli lilahlekelwe amaqhawe alwela inkululeko okukhona kuwo uTito Mboweni noPravin Gordhan.