OWESILISA ongomunye wabagidi bengoma oseneminyaka eyibambile insimbi ishisa kulo mdlalo, uThwalofu Mzimela, uthe uyafisa ukuba ingoma ibe wumdlalo ophemba ubumbano ezindaweni zasemakhaya ezinomlando wodlame nezimpi.
UThwalofu waseMpembeni ungumholi weqembu elidle umhlanganiso emqhudelwaneni wengoma obuhlelwe wumkhandlu iBig 5 Hlabisa, Amawuza.
Uthe lolu hlobo lwemidlalo luklama enkulu indima ekuqedeni inzondo enganasidingo kanjalo nokuqhakambisa ikhono lamagidangoma.
“Imicimbi efana nalo, ibaluleke kakhulu ukuthi ihlelwe njalo uma kuphela unyaka.
Iyasiza kakhulu futhi nasekukhuliseni labo abafisa ukungena endimeni kamaskandi ngoba yilapho abakwazi khona ukukhombisa ikhono labo phambi kwezinkumbi zabantu abasuke beyozothamela,” kusho yena.
Uthe lolu hlobo lomcimbi luphinde lulekelele kakhulu kubadayisi bokudla, izimpahla zokugqoka kanjalo nabasiki bengqephu abagxile ekuthungeni izimpahla zesintu.
Amawuza alandelwe ezithendeni yiNgoqongo ephume isibili noGebhe ephume isithathu.
IMeya yaseBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, income ukuziphatha kahle kwamalungu omphakathi namagidangoma abehambele umcimbi.
Ithe lokhu kukhomba ukuthi abantu bayawuthakasela kakhulu umcimbi wengoma.