USEKUBHEKE ngabomvu ukuthi adle imfashini ezodonsa amehlo abaningi e-Afrika, kwisizini yesihlanu yeBig Brother Mzansi okulindeleke ukuthi iqale esontweni elizayo.
Isiqubulo salo nyaka esithi “Umlilo”, uSmash uthi sikuchaza ngokuphelele okuzokwenzeka kule sizini entsha njengoba ethembisa into yamehlo.
Uthe imizuzu engeke ilibaleke kalula okuyiyona ezodonsa amehlo, imincintiswano ezodlalwa abazohlala ngaphakathi endlini, izingxabano nokunye yikhona abazoqinisa kukho, njengoba kwenza lolu hlelo luhehe.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba akade sibanjwe eRandburg, eGoli, kwethulwa lolu hlelo uSmash Afrika, ogama lakhe langempela u-Afrika Mdutyulwa, uthe izimpahla azobe ezigqoka, nangendlela azothula ngayo iyona ezodonsa amehlo abaningi.
Uthathe lolu hlelo kuLawrence Maleka, obeselwethule iminyaka emibili ilandelana.
“Ngijabule ukuba yingxenye yalolu hlelo. Ngiyathobeka kakhulu ngethuba engilitholile njengoba ngokwami uhlelo kwakumele ngilwethulwe kudala. Uma ngibheka uhambo lwami ekubeni umethuli wezinhlelo kwithelevishini nasemsakazweni, konke bekuhamba kahle ngoba bekumele ngifike ngila ngikhona manje. Kule minyaka bengizinikela kukhona konke engikwenzayo ngoba bengazi ukuthi ngelinye ilanga likhona ithuba elifana naleli eliyovela,” kuchaza yena.
Intsha eqhamuka ezifundazweni ezahlukene izoqala ukubonakala uma isingena endlini.
Ngonyaka odlule, insizwa yaseThekwini, uMcjunior Zondi (25), yakhala yemuka nemali engu-R2 million.