UMCULI waseLimpopo, uMakhadzi udalule ukuthi uye ngemali yomashonisa emcimbini wamaBET Awards, lapho ekhale wemuka nendondo yeViewer's Choice: Best New International Act.
UMakhadzi ukusho lokhu ekhuluma kuPodcast and Chill, noMacG ngaphambi komcimbi. UMakhadzi uthe kuke kwavela kwabezindaba ukuthi unenkinga yokukweleta uSARS, futhi ngeke alokhu ekufihla lokho.
“Manje sengiyakuveza ebantwini ukuthi anginayo imali, ngithwele kanzima. Ngikhokha isikweletu engibhekene naso ngoba njalo uma kuphela inyanga kukhona imali engiyitholayo yonke ngiyiyisa kwaSARS. Kunzima ngoba akusekho mali engisala nayo, ngisenkingeni enkulu. Noma ningibona lapha ngiphindela kubo omashonisa, kanjalo nethimba engisebenza nalo liphumile laboleka imali ukuze likhokhele zonke izindleko zebhanoyi nokufika lapha,” kuchaza uMakhadzi.
Uqhube wathi kukhona konke uzizwe eyiciko eliphambili ngoba ebhanoyini uhlale endaweni yabakhethekile.
“Ngibalulekile njengoba ngingumculi odumile. Ngiyakholelwa kakhulu kimi nakulo mkhakha engikuwo, kungakho ngikhethe ukuthi ngiye kulo mcimbi yize isimo sami besingavumi,” kuchaza yena.
UMakhadzi akuyena yedwa owakuleli obuye nendondo njengoba noTyla, owanqoba indondo yakhe yokuqala yeGrammy, uthole eyeBest New Artist neyeBest International Act.
Ekhuluma uthe ngendondo yakhe yeBest International Act uhlonipha amaciko ayeyizilomo e-Afrika, ayekhona ngaphambi kwakhe kodwa angawatholanga amathuba.