KUHLUKENE imibono ezinkundleni zokuxhumana ngezithombe zikazime wakuleli esezisabalele emakhasini ahlukene. UZozibini Tunzi onguMiss Universe ufake izithombe zakhe ekubo emakhaya eSidwadweni, e-Eastern Cape, emuva kwesikhathi eside evaleleke eMelika. UZozibini uthathwe lezi zithombe ematasa namabhodwe amnyama aphansi, egqoke nephinifa nomshuqulo. Yize engachazanga ukuthi uphekani kodwa bekubukeka sengathi inyama yangaphakathi ebelokhu eyikhwezela. Kulezi zithombe uZozibini ufake nombhalo ohambisana nazo echaza ngokujabulela kwakhe ukuba sekhaya nangendlela angazenyezi ngayo ngempilo ayiphila ngakubo.
Emuva kokufaka lezi zithombe ekhasini lakhe laku-Instagram zibe sezisabalala nakwezinye izinkundla zokuxhumana okubalwa uFacebook noTwitter. Yilapho kuqubuke khona umsindo abanye bethi unguzime onjani othatha izithombe ezifana nalezi. Abanye abalandeli balo zime bathi abayiboni inkinga uma uZozibini engazenyezi ngekubo nemvelaphi yakhe.
Lezi zithombe zisasatshalaliswa namanje abantu bakhuluma ngazo baveza imibono ehlukene. Ekhasini lakhe lika-Instagram sesinama likes awu-165, 891 nama comments awu-2516 nokulindeleke ukuthi akhule ngokuhamba kosuku. Osaziwayo abaningi nabo bayabonakala bephawula bencoma lozime ngezithombe zakhe