NGESIKHATHI iningi labesifazane likhala ngoyise bezingane abangenzi kahle nabadla phansi uma umuntu ekhulelwe, intandokazi yomsakazi ibonga uyise wengane yayo olokhu eyeseka.
UMasechaba Khumalo ongumsakazi nezinhlelo zethelevishini namhlanje unameke izithombe nendodana yakhe asanda kuyibeletha.
Ubesesiphelezela ngohide lombhalo etusa amagalelo kayise wengane yakhe odlale indima enkulu ekhulelwe kwaze kwaba uyabeletha. Yize indodana yakhe isenamasonto amabili izelwe kodwa uthe kuye kufana nezinyanga ezimbili kulandela ukungalali ngisho ebusuku nokuyinto evamile komama abasanda kubeletha,
Ubesebhalela indodana yakhe konke okuhle abekwenzelwa uyise wayo.
" Eqinisweni angazi bengizomisa kanjani ngaphandle kukababa wakho. Wonke umuntu angaba uyihlo kodwa wena unobaba. Nangesikhathi abahlengikazi bekugeza wayekhona ebhekisisa konke. Selokhu uzelwe ubaba wakho kuphela okugezayo. Kuyangithokozisa kakhulu lokhu nsuku zonke," kusho uMasechaba.
Eqhuba uveze nokuthi indodana yakhe iyazifela ngebele nokungenye yezinto ebenza basondelane. Akagcinanga lapho uphinde waveza ukuthi waboniswa ephusheni ngakho konke lokhu.
Osaziwayo abaningi balokhu bembongele njalo uzakwabo ngakho konke okuhle okumehlelayo empilweni. Abalandeli bakhe nabo ngokunjalo bayamhalalisela ngesibusiso sendodana.