INTANDOKAZI kasomahlaya, uCeleste Ntuli, izoyiqala ngenyanga yabesifazane u-Agasti imigubho yeminyaka engu-20 isemkhakheni wamahlaya ngenxa yokubambeka.
UCeleste uveze ukuthi uzohambela izindawo ezehlukene enza imicimbi wokugubha le minyaka.
“Kukhona engikuqophayo manje kwethelevishini yingakho ngibambekile, ngingakwazi ukuwuqala manje umjikelezo,” kusho uCeleste oke walingisa kwiSibaya kuMzansi Magic.
Uthe umsebenzi wakhe wamahlaya kuningi omfundise khona empilweni.
“Uhambo lwami luyamangalisa. Amahlaya angifundise okuningi ngami uqobo njengokubekezela. Amahlaya ngiwathanda ukufa, angiboni ngingawenzi. Ngiyoyeka uma engasenzeki kodwa manje kuzoba yinto yangunaphake ngoba ngiphila impilo engangiyiphupha. Akwandele bani,” kusho uCeleste.
Ngempelasonto uhlabane ngendondo yeComedian of the Year kuma Savanna Comics’ Choice Comedy Awards abeseLyric Theatre eGold Reef City, eGoli.
Kulo munxa ubeqhathwe noKagiso KG Mokgadi, Khanyisa Bunu, Bobby Collins noSifiso Nene.
“Kusho lukhulu kimi ukuthola lo mklomelo ngoba amahlaya sengiwenze iminyaka engu-20 ngakho ukuwuthola ngalesi sikhathi kwenze kwaba kuhle kakhulu. Empeleni ngisashaqekile. Ngiyabonga kubo bonke abangesekile futhi wonke umuntu ungijabulele. Ngiswele amazwi,” kusho yena.
Ulandele ezinyathelweni zikaTumi Morake njengowesifazane oke wanqoba lo mklomelo. UTumi wawina ngo-2016.
Selulonke uhlu lwabanqobile lumi kanje:
Breakthrough Act of the Year – Khanyisa JamJam
Best Comedy Festival or Show Award – That’s Not Funny
The Eb Award – Khanyisile Ngwenya
Best Solo Show Award – Robby Collins
Innovative Comedy Performance Award – Celine Tshika
Sauce of the Year Award – Noko Mashaba
The Joe Mafela Award – King Flat
Headliner of the Year Award – Robby Collins
Winners’ Choice Award – Sifiso Nene