ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo ngosomabhizinisi obulawe nomngani wakhe uKiernan Forbes ngoLwesihlanu olwedlule, eThekwini.
Umndeni kaTebello Tibz Motsoane uveze ukuthi kuhlelwe inkunzo yakhe yesikhumbuzo namhlanje ngo-5 ntambama eSacred Heart College, eGoli.
Le nkonzo izohanjelwa umndeni, izihlobo nabambalwa bezindaba njengoba izosakazwa bukhoma ezinkundleni zokuxhumana nokuyindlela yesimanje yokuvulela labo abangatholanga ithuba lokuzifikela mathupha ukuba nabo babe yingxenye yenkonzo.
UTibz owaziwa kakhulu njengemenenja ka-AKA ubengusomabhizinisi ophumelele futhi engumpheki.
Yize abaningi bemazi njengompheki, uTibz ongowokuzalwa elokishini laseKatlehong, wayegxile ebhizinisini lomculo enenkampani iShowLove nokuyinkampni ebigxile emculweni weHip Hop nasekuhleleni imicimbi.
Ngenkampani yakhe iCafe Tibz, lo mpheki ubehlela imicimbi eyahlukahlukene yohlobo lwe-pop up, lapho abehlanganisa khona abantu ngokudla okumnandi, iziphuzo nomculo.
Ukudlula emhlabeni ngesihluku esingaka kuthuse abaningi, umndeni udlulise, okukhulu ukubonga kubantu bakuleli ngamazwi enduduzo.
Umngani wakhe omkhulu, uMandla Isaacs, utshele abezindaba ukuthi inkonzo yesikhumbuzo izovulelwa abakhethekile kuphela kodwa futhi izosakazwa bukhoma.
“Kuzokwamukelwa abangani abasondelene naye, umndeni kanjalo nabambalwa bezindaba. Umngcwabo uzobanjelwa esithe ngayo le mpelasonto. Umndeni wakwaMotsoane ubonga kakhulu ngothando nokwesekwa okuthole kulezi zinsuku ezimbalwa,” kusho yena.