ISILOMO somsakazi weMetro FM, uTbo Touch, sithi asibuyanga emsakazweni ukuzoncintisana nabanye kepha ukuzofukula ezobuciko.
UTbo Touch ukusho lokhu ekhuluma kwiDurban Business Fair, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoMgqibelo.
“Ngike ngaba noSizwe Dhlomo ohlelweni lwami. Ngike ngaba no-Anele (Mdoda) ohlelweni lwami. Abantu babephawula ngokuthi wubani ozoba ngcono. Bekumele ngikhombise ukuthi ngizimisele ukulanda noma ubani enicabanga ukuthi ungcono,” kusho uTbo Touch, owethula uhlelo iTouch Down ngo-3 kuya ku-6 ntambama, phakathi nesonto.
Uthe akancintisani kodwa ufuna nezimbangi zibe seqophelweni eliphezulu ngoba lokho kuzohlomulisa indima yezokusakaza namaciko.
“Sisesikhundleni sokwenza ukuthi amaciko aphumelele. Asikho ezikhundleni zokuba ngabasakazi abahamba phambili emoyeni. Inhloso yomsakazo wukudlala izingoma ezintsha, sikhulise izimboni. Akuyona into efanele uma silokhu sincintisana ngokuthi ubani omsakazi ohamba phambili. Akuthiwe ubani umsakazi ohamba phambili ekwakheni indima. Bangaki abaculi namhlanje abadlale okokuqala izingoma zabo kwiTouch Down?”
Ubale u-AKA, Cassper Nyovest noBig Zulu, wathi ngabanye abadlale izingoma zabo okokuqala.
“Angibakhombanga ngesibhamu ukuthi benze lokho yingoba basebenza nomuntu ophokophele phambili. Angikhankaseli ukuba wumsakazi ohamba phambili, ngihamba phambili,” kusho uTbo Touch.
Kule ngqungquthela amaciko abephume ngobuningi bawo. Umdidiyeli womculo ophinde abe ngumculi, uMondli Ngcobo, ukhale ngokuthi umculo ususebenza ezinkundleni ezahlukene kodwa benza imali encane.
“I-Empini kaKelly Khumalo (ayididiyela) ibheke ekushayeni i-platinum amahlandla angu-13. I-platinum yamanje ayikho, ayengcono amahlandla amabili e-platinum kaBrenda Fassie.”
NgokweRecording Industry of South Africa, i-platinum ingoma isuke ithengwe amahlandla angu-20 000.