INKAKHA yomlingisi, uSiyabonga Twala ngomunye wabalingisi abazobonakala kuvalwa udaba obeluxoxwa ngomdlalo iThe River.
Isolezwe libike ukuthi iThe River iyaphela ngonyaka ozayo kwi-1Magic (103) izoba nabalingisi abasha abazobonakala uma sekuqala isizini entsha.
Ngesizini yesihlanu eqhubeka manje abalingisi okukhona kubo uTango Ncetezo, Lawrence Maleka noHlomla Dandala, bayagcina ukubonakala emdlalweni.
USiyabonga uzolingisa indawo kaBangizwe Zwane, uzoqala ukubonakala ngoFebhuwari 10.
UBangizwe ungowesilisa owakhula noLindiwe Dikana (Sindi Dlathu), bangabangani kusuka ebuncaneni babo futhi ucishe afane nse noLindiwe uma kuziwa emikhubeni yakhe yobugebengu.
Ekhuluma ngendawo yakhe uSiyabonga, uthe uBangizwe yize naye enenhliziyo embi njengoLindiwe kodwa ungcono ngoba uyabekezela.
“Engingakusho nje ngale ndawo wukuthi sengikulungele ukuyilingisa njengoba ngikholelwa ekutheni uma ulingisa njalo, kumele uzilungisele. Kumele ngaso sonke isikhathi uzitshele ukuthi ngizokwenza ezibukwayo. Akekho noyedwa umlingisi engikholwa wukuthi akalingisi kahle noma akayilungele indawo ayilingisayo. Wonke umuntu unendawo yakhe emdlalweni asuke ekuwona noma kuthiwa ulingisa indawo encane kanjani. Ngakho nami ngizilungiselele futhi abantu bazobona into yamehlo,” kusho uSiyabonga.
Uthe uBangizwe njengoba engusomabhizinisi ophumelele, yingoba akufunayo uyakuthola.
“Kulokhu-ke ufuna into ethandwa nguLindiwe ngenhliziyo yakhe yonke. Izibukeli mazibheke ukuthi izinto zizomhambela kanjani njengoba efuna into engenza buphele ubudlelwane bakhe noLindiwe. Futhi abangazibuza khona wukuthi uBangizwe wuyena muntu ozoguqisa uLindiwe ngamadolo kuphele ngaye? ” kuphetha uSiyabonga.