INTO eyinkinga ngokuba wumlandeli womculo wukuthi nxa kuphekwa umculo izinto eziningi awubi nayo inhlanhla yokuzibona zisuswa phansi, kuphela nje uzwa ibhodwe selivuthiwe ukuthi yimuphi umucu okuthinta emanini.
Lokho kwenza abantu abaningi abalandela futhi abathanda umculo noma amaciko athile, bahlale bengazi ukuthi wubani owenza ini, nokuthi wubani obambe iqhaza lokuthini noma wenzani ukuze ingoma ethile ibe ngesuke izwakala isiyikhona.
Ngingenisa ngokunkanta kanjena nje, yingoba kunento ebilokhu ingihlupha emoyeni engifisa ukusebenzisa lesi sikhala enginaso ukuyidlulisa kubafundi beSolezwe, ngethemba lokuthi kukhona ezobasiza ngokuthi babone futhi baqonde izinto ngenye indlela.
Ngenxa yomsebenzi engiwenzayo, ngibe nenhlanla yokuthola ithuba lokuxoxa namaciko amaningi aziwa ngezingoma eziningi ezidumile zama-piano engingabala kuwona oHappy Jazzman, Aymos, Bassie, Mr Pilato, Mashudu, Soa Mattrix nabanye.
Engikuqaphele ngawo wukuthi kokuningi akushoyo, alisali nhlobo ngaphandle igama likaMaphorisa, nomsebenzi awenzile ukuqinisekisa ukuthi umculo wawo uyachuma. Ngiyakhumbula nje ngixoxa noSoa Mattrix, wangivezela ukuthi uMaphorisa wamfonela, bahlangana, baqala ukusebenzisana, nokuthi wuye futhi omfundise cishe konke asekwazi ngebhizinisi lomculo.
Kube ngesifanayo nakuMr Pilato, wodumo lwengoma ebithandwa kakhulu nyakenye ethi Biri Marung. Naye walibeka nje ngembaba ukuthi ukube akahlangananga noPhori, ngabe akakafiki ezingeni asekulona manje ngomculo. Ungivezele neqhaza lakhe ekuqinisekiseni ukuthi ingoma iba ngeyikho ekugcineni ngoba efake imibono yobekumele kwenziwe noma kwengezwe kuyona ukuze izwakale ngale ndlela esihlanyisa abantu.
Yinqwaba yamaciko okuthi uma echaza ngohambo lwawo lomculo, lingasali igama likaMaphorisa ngenxa yokuhle awenzele khona ukuwasiza achuma emculweni. Ngizwile nokuthi kukhona namaciko aze amcele ukuthi abe khona nje uma eshaya ingoma e-studio, ngisho engezokwenza lutho olutheni, ngoba ayazi futhi ayakuqonda ukuthi indlebe yakhe ibukhali. Nemibono yakhe iyasiza ukushaya into ecokeme, nokuthi unamandla okukwazi ukubiza nanoma yiliphi iciko elisendimeni, lizolekelela engomeni yomculi othile uma ebona isidingo.
Yinto leyo engeke yenziwe yinoma wubani, okumele kucacise ngokusobala ukuthi amava akhe makhulu kakhulu, futhi namaciko amaningi ayakwethemba akushoyo nakwenzayo.
Kungashona ilanga kuphele nesikhala lana uma ngingaqala manje ngibale abaculi abaningi esibaze ngaye, oningi labo lingabesifazane asebeshaya into ecokeme emculweni. Ngeke futhi ngisakwazi ukungena ngigxile emsebenzini awenze ngokubambisana noKabza De Small, abuye asebenze naye sebeyiqembu i-Scorption Kings.
Sengiyivala nje, ngithi angisho ukuthi ukube uMaphorisa ubengesikho lokhu ayikhona manje bekuyothatha isikhathi eside noma kugcine kungenzekanga ukuthi sazi amaciko engingabala kuwona oTyler ICU, Mas Musiq, Daliwonga, Young Stunna, Mlindo The Vocalist, Phila Dlozi, Nia Pearl, Felo Le Tee, Bontle Smith, Visca namanye amaningi.
Isintu sithi akunasoka elingenasici, ngakho ngifisa ukuthi lo msindo esiwubanga uma kukhona esisola uMaphorisa ngakho, siwubange ngendlela efanayo uma sesincoma umsebenzi wakhe.