UMCULI waseLimpopo kodwa osezakhele udumo nasemazweni angaphandle, uMaya ‘Sho Madjozi’ Wegerif, ufuna ukubuyela ngakubo esengumpetha wendlamu.
USho (26) uthe uzimisele ngokwabelana namaZulu ngomdanso wakhe bese nawo emfundisa ukubhikla ingoma njengoba engomunye wabazobe benandisa kwiZakifo Music Festival eThekwini kusukela ngoMeyi 24 kuya kuJuni 1.
“Ngiyethemba abantu baseThekwini bazowujabulela umdanso wami wesiTsonga futhi bangifundise umdanso wesiZulu.
“Ngizokwabelana nabo ngamava ami amasiko nezithameli futhi ngikulangazelele kabi ukuqhulula wonke amanoni ezingoma zami ezithandwa ngabantu. Kumnandi ukubona izihlwele zicula ngokuhlanganyela nami,” kusho uSho wodumo lwengoma ethi Huku nethi Dumi Hi Phone.
Uthe selokhu azalwa uyakujabulela ukugubha amagugu ase-Afrika ngomculo. “Kuyangithoba ukunikezwa ithuba lokugubha inyanga ye-Afrika nezihlabani zakuleli lizwekazi kwiZakifo Festival.
UMCULI we-Afro punk uMoonchild Sanelly ungomunye wabazonandisa kwiZakifo Music Festival
“Lindela umcimbi onemibala nemidanso ekhangayo. Uma ngisesteji, ngijabula kuze kweqe, ngibe ngenye into uma izihlwele sezinginikeza umdlandla ngokuthakasela umculo wami,” kusho lo mrepha futhi oyimbongi yesiTsonga, ozobe eshiyelana inkundla noBen Harper, Mr. Eazi (Nigeria), Asa, Beatenberg, Shekhinah, Meute (Germany), Blinky Billy (Kenya), Buhlebendalo, Red Robyn, Eme, Kid Done, Moonchild Sanelly, Dope Saint, Jude, Dobet Gnahore (Ivory Coast), Make-Overs, Puts Marie (Switzerland), Sands (Eswatini), Bheki Nqoko, T.R.C, Skye Wanda no-Alibombo (Colombia). Laba baculi bamazwe ngamazwe namaphe-thelo bazobe becula bededelana eBotanic Gardens, The Warehouse naseWinston Hotel. Namaciko asafufusa azobuye acotshelelwe ngolwazi eCuriocity Hotel esenkabeni yeTheku.
USho uqokwe eminxeni emine kumaSama akulo nyaka, okuyiqoqo leBest Female, Best Newcomer, Best Kwaito/Gqom/Amapiano neBest Music Video.