ICIKO lakuleli elihlabane ngendondo yesithathu kuma-Grammy Awards abeseLos Angeles, eCalifornia, uWouter Kellerman, lithe ukunqoba kwalo kuwubufakazi bokuthi umculi unamandla okubumba izizwe.
Ama-Grammy abeseLos Angeles ezintatha, ngoMsombuluko, ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika.
UWouter unqobe emunxeni we-Best New Age, Ambient or Chant Album ehambisana no-Éru Matsumoto noChandrika Tandon nge-EP yanyekenye i-Triveni.
U-Eru wumculi waseJapan kuthi uChandrika kuba ngowase-India.
“Lokhu kuwubufakazi bokuthi umculo unamandla okuhlanganisa nokwelapha. Ngiyabonga Chandrika, ngiyabonga Eru nabo bonke abaculi ababe kwi-albhamu. Ngiyabonga Tulsi mngani wami omkhulu engibambisene naye ebhizinisini. Okubalulekile ngibonga kunina nonke. Umculo uyabumba futhi ngiyajabula ukuba nani ngalesi sikhathi,” kusho uWouter amukela indondo.
Eminyakeni emibili edlule uWouter unqobe kuma-Grammy ngengoma ethi Bayethe ayenza noZakes Bantwini noNomcebo Zikode. Eyokuqala wayingoqba ngo-2015 noRicky Kej emunxeni we-Best Global Music Performancce.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uGayton McKenzie, uhalalisele uWouter wathi ukuzinikela ebucikweni kwakhe nokukwazi ukuhlanganisa amasiko ngomculo kwenza iNingizimu Afrika iziqhenye.
“Impumelelo yakhe iyaqhubeka nokugqugquzela abaculi abazayo futhi ibenze bakholwe ukuthi nabo banganakwa emhlabeni. Siyayijabulela impumelelo yakhe futhi sikubheke ngabomvu ukubona eqhubeka emhlabeni jikelele.”
Uhlelo lwama-Grammy beluphethwe ngusomahlaya wakuleli uTrevor Noah. Abanye abebeqokiwe nguyena uTrevor neSoweto Gospel Choir.