USOBISHINI usaziwayo odume ngokujimisa abantu, uSbahle Mpisane emuva kokukhalelwa amasongo kaSigonyela ngenxa yokushayela budedengu, emgwaqweni uMaxwell Drive, eMidrand ngamaholidi kaKhisimusi.
USbahle uzalwa ngusomabhizinisi ophinde abe ngumholi weqembu lepolitiki elisanda kusungulwa iGap Fixers of SA. Ungusingandodakazi kaShauwn Mkhize obeshade noMpisane.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uLieutenant-Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuboshwa kwale ntokazi ebonakala ohlelweni lukanina iKwaMamkhize olukhonjiswa njengamanje kwiShowmax.
“Amaphoyisa ayakuqinisekisa ukuthi owesifazane oneminyaka engu-30 waboshwa maqede wabekwa icala lokushayela budedengu. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseMidrand ngoDisemba 29 ngonyaka odlule, lapho ededelwe khona ngebheyili,” kusho uMasondo.
Kwenzeka lokhu nje le ntokazi isahamba ngezinduku emva kwengozi enyantisa igazi eyaba kuyona emgwaqweni uMargaret Mncadi, eThekwini ngo-2018. Kule ngozi imoto kaSbahle iBMW yasha yangqongqa okwaholela ekutheni lo saziwayo aphuthunyiswe esibhedlela, kwavulwa icala lokushayela budedengu esiteshini samaphoyisa iDurban Central. Ekuphaphameni kwakhe wavuka engasakhumbuli lutho njengoba wayesekhohlwe nawukuthi wayethandana nonozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaSbahle ayiphumelelanga kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakali.