INDLOVUKAZI yomculo wokholo uRebecca Malope ithe izogubha iminyaka engu-51 iphila ngokukhipha ulozolo lwe-albhamu olubophele abaculi abahlukene.
URebecca ubehlanganisa le minyaka izolo.
NgoLwesihlanu ebusuku ubenandisa eSibusisiwe Hall, eMandeni, emcimbini i-AfriGospel Unite Festival.
Ucele abantu ukuthi bamculelele ngaphambi kokubatshela ukuthi waqala eneminyaka engu-18 ukucula. Uthe i-albhamu azoyikhipha ngeka-36.
“Kwi-albhamu kukhona uDumi Mkokstad, Zaza, Sipho Ngwenya, Lebo Sekgobela, Amadodana AseWeseli, Soweto Gospel Choir nabanye. Izophuma ekupheleni kukaSepthemba,” kusho uRebecca.
Lo mculi ungene esiteji isikhathi sibheke ku-10 ebusuku kwahlanya izethameli. Ubeshaya amanoni okubalwa kuwo Isandla, Uyinyanga Nelanga namanye.
Uphinde wagqugquzela inhlonipho entsheni wathi “sifuna oRebecca abangcono bakusasa kini”.
Umcimbi oba minyaka yonke ubugubha iminyaka engu-51 ukhona. Abantu baligcwalise phama ihholo.
Phakathi kwabaculi abebeshiyelana inkundla kubalwa uBetusile ojabulise abantu ngengoma kaDumi ethi Ulwandle, Kholeka, Hlengiwe Mhlaba, Thinah Zungu, Jumbo, Abathandwa abashaye ingoma yabo entsha ethi Umhlatshelo, nabanye.
Uhlelo beluphethwe nguMthunzi Xulu obelokhu ekhiphe izipho zakwaMcDonald’s abebengabanye babaxhasi noSbu Buthelezi woKhozi FM.