INDLOVUKAZI yomculo wegqom’, uBongekile “Babes Wodumo” Simelane, iphume iphoxekile eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, emuva kokuthi icala liphinde lahlehla.
Okudumaze uBabes ukuzwa uMshushisi uNtokozo Ngema, ethi icala ngeke liqhubeke ngenxa yokuthi umseshi walo usabambeke lapho eqeqeshwa khona. IMantshi uNtokozo Myeni ibe isilihlehlisela kuMashi 12, 2025. UBabes utheleke enkantolo eswenke ngengubo emnyama, isigqoko esimnyama, namaqhoksi amnyama.
UBabes ufakwe enkantolo nguPhilly weSK Dee Designs ngoba emsola ngokumshaya ngesikhathi bemhlasele lapho esebenzela khona kuWest Walk, eThekwini ngoMashi 12 nyakenye.
Leli cala bekulindeleke ukuba liqulwe izinsuku ezintathu ngoJanuwari kodwa selizoqulwa ngezayo.
Kulokhu uBabes, ongaphandle ngesexwayiso, utheleke ehamba nabanye abantu besilisa abangaziwa.
Khonamanjalo uBabes uzobuye abonakale kuMoja Love (DStv 157) ohlelweni olukhuluma ngempilo yakhe yangempela kusukela ngoMashi 29. Lolu hlelo lubizwa ngokuthi Wena Wodumo. UBabes uthe abantu abalindele lukhulu ngoba kuzobe kushubile.