Usaziwayo kwezokungcebeleka, uZodwa Wabantu, osanda kuphothula ukuthwasa, uchitha imibiko esisabalale ezinkundleni zokuxhumana. Ekhasini likaFacebook ozibiza ngoZodwa Wabantu, uthe ube nesibonakaliso ngokufa kuka-AKA.
Ethintwa yintathateli yeSolezwe ngalolu daba, uZodwa Wabantu ukuphikile ukuthi ube nesibonakaliso ngokufa kuka-AKA odutshulwe ngoLwesihlanu ebusuku, endaweni yobumnandi iWish esemgwaqweni uFlorida, eThekwini. Eqhuba, uthe akanalo ikhasi likaFacebook futhi yena akabhali ngabantu asebeshonile ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngiyalihlonipha idlozi lami. Angikahloli futhi ngokuphelele okwamanje kodwa ngiyakwazi ukusiza abantu ngokubalapha nezinkinga ababhekene nazo ezidinga isintu. Angilokothi ngikhulume ngabantu asebeshonile ezinkundleni zokuxhumana. Kwaloyo Facebook anginawo futhi angiwusebenzisi,” kubeka uZodwa Wabantu.
Eqhuba, uthe u-AKA umuntu amaziyo ngale komculo futhi ubengumakhelwane wakhe. Umchaze njengomuntu obethanda abantu.
“Ngibuhlungu kakhulu ngokwenzekile, u-AKA ubengumakhelwane wami futhi ubebakhonzile abantu. Angeke ngenze into efana naleyo emndenini wakhe. Umuntu nje lo ozenza mina, okhohlisa abantu ngenhloso yokumosha igama lami. Ngicela abantu bayeke ukulandela lo muntu ozenza mina kwiFacebook,” kuphetha uZodwa Wabantu.