UMCULI wasePort Shepstone, uNokukhanya Madlala, odume ngelikaKhanyo uthi izinkundla zokuxhumana zibe wusizo ekuchumeni kwakhe.
Le ntokazi ezinze eGoli, iveze ukuthi ukuba sendimeni yomculo yinto engelula kodwa ngoba ibinothando, konke ikwenze kwenzeka kwaze kwaba ikhipha izingoma zayo ezimbili ne-EP.
Uthe manje ulungisela ukukhipha ingoma yakhe ethi Intaba, uma kuqala uDisemba.
Ekhuluma neSolezwe uthe umculo uwuqale endaweni yangakubo ecula emicimbini ehlukene nasesontweni. Uthe namanje uthi akakakholwa yindlela izinkundla zokuxhumana ezimsize ngayo ukusabalalisa umculo wakhe, wagcina esaziwa ngabantu ngaphandle kwendawo yakubo.
“Ngenza uhlobo lomculo we-Afro pop. Ngingene emculweni ngo-2021 njengoba bekuyinto engiyithandayo. Ngiqale ngakhipha izingoma ngenxa yokuthi bengifuna ukubona ukuthi abantu bazongamukela kanjani. Ngibonile ukuthi umculo wami uma ngiwuveza kubalandeli bami ezinkundleni zokuxhumana, lokho kuyasiza kakhulu njengoba ngibe sengiqala ukuqashwa ukuyonandisa. Ngenxa yokuthi umculo wami ukhuluma ngezinto ezenzeka emakhaya, i-EP yami ethi Impande ngibe sengiyikhipha. Kuyo bekuhamba phambili ingoma ethi Umama, lapho bengikhuluma ngendlela umama angikhulise ngayo nezinto ezinzima esibhekane nazo ekhaya,” kusho uKhanyo.
Uthe ukuba nesikhathi esiningi yikhona okumenze wagxila emculweni yize esathuthuka.
"Kulo mkhakha ngifisa ukuzibona ngisebenza nabaculi abafana noBig Zulu, esengizame kaningi ukuxhumana naye, njengoba isitayela sakhe somculo ngisithanda, kanjalo noDJ Tira, indlela angene ngayo manje kwigqom’ nakuma-piano ngiyayithanda kakhulu, ungomunye wabantu engifisa ukusebenza nabo,“ kusho uKhanyo.