UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela umculi we-Afro Soul uNathi Mankayi ngezinsolo zokweba.
UNathi, ozakhele udumo ngeculo elithi Nomvula, uvele enkantolo yeMantshi yase-Alexandra eGoli ngemuva ukuboshwa ngoMsombuluko ebusuku.
Ngokwephephandaba lansuku zonke lesiNgisi, iSowetan, uNathi uboshwe ngezinsolo zokugqekeza amahhovisi alowo owayeyimenenja yakhe uChina Mpololo.
UNathi ugcinwe esiteshini samaphoyisa eBramley ngaphambi kokuvela enkantolo.
Okhulumela lesi siteshi uCaptain Molefe Mogodi, uziqinisekisile izindaba zokuboshwa kukaMankayi nokuthi uvele enkantolo ngecala lokweba impahla yebhizinisi nabangani bakhe ababili. Kubikwa ukuthi laba bobathathu baya emahhovisi kaMpololo bathatha ama-laptop, izingcingo, ama-printer namaselula.
Amaphoyisa ayithola le mpahla yabuyiselwa kumnikazi, abe eseqala uphenyo. Ngokwembiko amaphoyisa sekunesikhathi esezithendeni zikaNathi kulandela lesi sigameko.
Kubikwa ukuthi izinkinga phakathi kukaNathi noMpololo ziqale ngesikhathi ekhetha ukuqeda ngobudlelwano bakhe nalo mculi. UMpololo uqale ukuba yimenenja kaNathi kulandela ukushiya kwakhe iMuthaland Entertainment, nayo ahlukana nayo esexabene nabaphathi bayo.
Lo mculi uke wafika emahhovisini eSolezwe ehamba naye uMpololo, owacela ukuthi angaphonswa imibuzo ngobudlelwano bakhe nesitebele ayeqopha kuso ngoba usengaphansi kwabaphathi abasha.
UNathi ngaphambi kokuthi adume ngamanoni ezothando uke waboshwa phambilini ngecala lokweba, wadedelwa isigwebo sakhe engakasiqedi ngenxa yokuziphatha kahle ejele.