YIZE eseneminyaka eyisithupha, uNeoentle "DJ Entledelicious" Monakedi useqalile ukubhincisela nxanye ozakwabo endimeni yokudijeya.
Lo mfundi kaGrade 1 e-Atteridgeville Primary, ePitoli, uhamba ezinyathelweni zo-DJ Zinhle no-DJ Cndo futhi useqalile ukushiya izithameli zisahalela impinda emicimbini eminingi. Echaza unina walo mthente ohlabe usamila, uBonolo Monakedi, uthe nabo basabambe ongezansi ngezimanga ezigilwa nguzinyobulala wabo esteji.
Uthe u-Entledelicious waqala ukukhombisa uthando lomculo eseneminyaka emibili.
"Saqala ukuqaphela uthando lwakhe lokudijeya ngesikhathi singena e-DJ Studio. Yingoba wavele waqonda emshinini wokudijeya, wazama ukudijeya. Ngaleso sikhathi thina sazitshela ukuthi wenziwa wubungane kodwa umnikazi we-studio wathi asibuye naye uma eseneminyaka emine."
UBonolo uthe nebala balinda u-Entledelicious wahlanganisa leyo minyaka maqede bambuyisela e-DJ Studio ukuze acijwe kuleli khono.
Mayelana nokusunguleka kwaleli gama lasesteji, uBonolo uthe u-Entledelicious ubekhonze ukuthi yonke into imnandi (delicious) futhi ubukeka e-delicious.
"U-Entle ususelwe egameni lakhe u-Neoentle, kwase kwengezwa u-delicious ukuqhamuka negama elithi Entledelicious."
Nakuba esemncane futhi enamahloni kodwa akazinqeni izinkumbi zabantu ngoba ayaphela amahloni uma eseqhulula amanoni.
"Selokhu aqala ukudlala emicimbini akakaze wakhala noma wenqaba ukuba yedwa endaweni yokudijeya."
Selokhu eqalile ukuqashwa awukho umcimbi awujabulela ukwedlula eminye kodwa uBonolo uthe uyakuthakasela kakhulu ukuphekwa ngemibuzo ngabasakazi.
Ebuzwa ukuthi bakuqinisekisa kanjani ukuthi indodakazi yabo ayiphazamiseki emsebenzini wesikole, uBonolo uthe uma esekhaya phakathi nezinsuku bayamlekelela ekwenzeni umsebenzi wesikole imizuzu ewu-30.
"Sihlela nokumqashela uthisha ozomlekelela ngomsebenzi wesikole phakathi nezinsuku. Imfundo isemqoka kakhulu futhi kufanele akuhloniphe lokho."
U-Entledelicious uzifela kulezi zinsuku ngengoma kaMr Pilato ethi Biri Marung. O-DJ azifela ngabo oTebogo G Mashego noDJ Karri. U-Entledelicious ukhonze ukulalela uhlelo lwasekuseni lukaDJ Sbu noLelo kwi-Radio 2000 kanti kwithelevishini ukhonze ukubukela i-Play Room Channel 300 kwi-DStv.
Esephetha uBonolo uthe ubona u-Entledelicious ekhipha imicu yakhe, eba yinxusa lezimpahla zezingane futhi enandisa emicimbini eminingi emikhulu.