UBONGA abantu bakuleli ngokumkhombisa uthando emculweni, umculi ozalwa kuleli kodwa abazali bakhe abasuka eCongo, uManu WorldStar.
Le nsizwa egama layo langempela u-Emmanuel Mumbili Mutendji (24) emasontweni amabili adlule ikhiphe enye ingoma ethi, Future Plan.
Le ngoma ilandela ethi Nalingi ebizwakala izikhathi eziningi emsakazweni ibonakala nakwithelevishini.
Ekhuluma ngale ngoma ethi Future Plan, uManu uthe ikhuluma ngothando.
“Le ngoma ikhuluma ngezinhlelo umuntu ngamunye angaba nazo nomuntu asothandweni naye nokuthi ufuna ukuzibona ekuphi nalowo muntu eminyakeni ezayo. Kodwa engingakuqhakambisa ngayo ukuthi abantu izobadansisa futhi ibe isibusiso kwabaningi,” kusho uManu.
Uthe bese siside isikhathi engazi ukuthi enzeni endimeni yobumnandi.
“Ngingasho ukuthi ngelinye ilanga ngiyoba omunye wabaculi abayoba bakhulu ezwenikazi i-Afrika futhi oqhamuka khona kuleli lizwe. Umculo esengiwukhiphile manje uzikhulumela wona. Ngijabule kakhulu futhi ngiyathemba ukuthi nabo bazojabula,” kuchaza uManu.
Okunye athe kuyamjabulisa ukuthi le ngoma selokhu iphumile bangaphezu kuka 50 000 abantu abayidlala kwi-internet.
“Ngijabule ngalezi zinombolo ezivelayo ngale ngoma emasontweni amabili nje vo. Lezi zingoma zami zombili zenze kahle kakhulu njengoba nalena ethi Nalingi emasontweni amabili iphumile ngonyaka odlule yenza kahle kakhulu,” kusho uManu.
Uthe ukungawini kwinhlolokhono kuthungathwa abethuli abasha esiteshini iVuzu, akumqedanga amandla yize ayesebeke amathemba akhe onke kulo.