ICIKO laseMelika elidume ngengoma ethi Heaven Sent, uKeyshia Cole, libonga bonke abebelilindele ngabomvu ngempelasonto edlule, ngokulibekezelela njengoba ikhonsathi yalo imiswe ngomzuzu wokugcina ngenxa yokuthi umuzi walo ube kweshile edolobheni iLos Angeles.
Abahleli bomcimbi bamemezele izindaba zokuthi le ntokazi ngeke isakwazi ukuza ngenxa yokuthi ikhahlamezekile ngenxa yalo mlilo.
Bathe umcimbi usuzoba ngo-Ephreli 26 eBig Top Arena, eCarnival City, ngo-Ephreli 27 eSunBet Sun Arena, ePretoria bese ivala ngo-Ephreli 28 eGrand Arena GrandWest, eCape Town.
UKeyshia ubonge bonke abambekezelele esimeni abhekene naso wathi simlimaze kakhulu emoyeni.
“Kube yisikhathi esinzima, kodwa ngibonga bonke abathenge emathikithi abakwazile ukungibekezelela kulesi sikhathi esinzima. Umlilo wequbula ohlasele e-LA umoshe hhayi imizi yabantu nje kuphela, kodwa nasemiphefumulweni silimele kakhulu. Bengidinga isikhathi sokuthi ngelapheke emoyeni okwesikhashana ngemuva kwalesi sigameko.
“Bengifuna ukuthi ngilapheke futhi ngibe nesikhathi esimnandi nabalandeli bami baseNingizimu Afrika, ukuze ngibanike idili lomculo elibafanele. Uthando noxhaso abanginike lona ebuhleni nasebubini kulesi sikhathi ebengibhekene naso singenza ngikubheke ngabomvu ukuthi ngibabone bonke abalandeli bami abazoba kulo mcimbi,” kuchaza yena.
Abahleli bomcimbi bathe abathenge amathikithi bangeza nawo njengoba ezovunyelwa emcimbini ozayo.
Baveze ukuthi labo abangeke besakwazi ukuba yingxenye yomcimbi bazobuyiselwa imali yabo.