KUSHUKUME izinkundla zokuxhumana kuvela izindaba zokuthi ifilimu emfishane ethi, Last Ranger, iphakanyiselwe indondo ehamba phambili emhlabeni wonke ama-Oscars
Le filimu ikhiqizwe inkampani ekhiqiza izinhlelo ezahlukene iRose & Oaks okungeyomsakazi ohamba phambili kuleli futhi ubuye abe ngomunye wophrojusa bayo u-Anele Mdoda.
U-Anele Mdoda, umethuli wezinhlelo nomsakazi we-947 wohlelo lwasekuseni, i-Anele and the Club, uzwakalise ukujabula kwakhe ezinkundleni zokuxhumana, wathi, “Ningizimu Afrika! Isiiqokwe kuma-Oscar! ILast Ranger izoyinqoba futhi iyilethe ekhaya.” Uqhubekile wancoma umqondisi wefilimu, uCindy Lee, nombhali, uDavid Lee, ngomsebenzi wabo oncomekayo, kanye nokudlala kahle kuka-Avumile Qongqo noLiyabona Mroqoza.
Lokhu kuqokwa kuyingqophamlando kuMdoda kanye nomdidiyeli abambisene naye, uFrankie du Toit. Le filimu, iphakathi kwangu-15 aqokwe emunxeni weBest Live Action Short Film, ixoxa indaba ehlaba umxhwele ngokubulawa kobhejane kanye nemizamo yokongiwa kwemvelo eyenziwa eNingizimu Afrika. Ilandela uLitha (Liyabona Mroqoza) osemncane othathe uhambo olumangalisayo enqamula esiqiwini ehanjiswa ngumqaphi wokugcina osele, uKhuselwa (Avumile Qongqo). Uhambo lwabo luguquka ngendlela engalindelekile lapho bevinjezelwa abazingeli bobhejane abacuthe ehlathini, okuholela empini yokuvikela obhejane futhi ekugcineni kuvela nemfihlo eshaqisayo.