ISIPHEFUMULE okokuqala ngqa intombi yomrepha wakuleli obengcwatshwa ngempelasonto kulandela ukubulawa kwakhe kuFlorida Road, eThekwini.
UNadia Nakai, obethandana no-AKA, uphefumule okokuqala ekhasini lakhe le-Instagram izolo kusihlwa. Uchaze isoka lakhe njengomuntu obenothando futhi ubesabheke ikusasa eliqhakazile naye. "Ungithandile ngokuziqhenya, ngiyabonga. Ungivikele wangikhulekela, ngikuthola kunzima ngisho nokuphefumula. Angiyiphathi eyamazwi engingachaza ngawo indlela engikuthanda ngayo," kushicilela uNadia.
Eqhuba uNadia uveze ukuthi kusenzima nokwamukela ukushona kwesoka lakhe. Yize kunjalo kodwa uthe uzohlala elikhumbula nezikhathi ezimnandi ababe nazo. "Ngeke ngiphinde ngikuzwe uthi uyangithanda. Ngeke ngisakuzwa uhleka, besinezinhlelo ebesinazo. Abukho ubuhlungu obudlula ukulahlekelwa nguwe. Bengicabanga ukuthi ngizochitha impilo yami yonke nawe kodwa ngiyabona nguwe ophile impilo yakho yonke nami," kubalisa uNadia. Ubona nokuphila ngaphandle kuka-AKA kusazoba nzima njengoba engazi ukuthi kumele aqale ngakuphi kulesi simo abhekene naso.
UDJ Zinhle, ongumama wengane ka-AKA, uKairo, ulokhu emduduze njalo uNadia nokuyinto ebibonakala nangesonto eledlule kanjalo nangenkonzo yesikhumbuzo. Uphinde waphawula nasekhasini likaNadia ngesikhathi ebalisa.
"Siyakuthanda Nadia, uNkulunkulu akuphe amandla," kusho uDJ Zinhle. Ngaphandle kwakhe, bakhona nabanye osaziwayo abalokhu bemqinisa idolo kanjalo nabalandeli baka-AKA. UNadia noDJ Zinhle abantu abaningi balokhu bebashayele ihlombe njalo ngokubambana ngesikhathi esinzima kubona bobabili, nokuyinto okukhuthazwa abesifazane ukuthi bayithathe njengesifundo esihle.