"REMOTE Control Yenjabulo Yami. Oxygen Yami. Munt' Omuhle, Othandwa Yile Nhliziyo Elapha Kimi. Ngifun' Ipeni nephepha. Ngifun' Ukubhalel' iZulu Love Letter Engabhori..."
Lena yingxenye yenkondlo eyakhela imbongi engasekho emhlabeni udumo, uNtobeko Mxolisi Mtshali.
Kubikwa ukuthi leli ciko lidlule emhlabeni esibhedlela izolo emuva kokugula isikhashana. Kukhalwe nxazonke ngokudlula emhlabeni kukaMxolisi (39) ngenxa yeqhaza lakhe emikhakheni ehlukahlukene.
Umsunguli webandla i-Ethekwini Community Church, uMbhishophi Vusi Dube, ngomunye wabantu abagqemeke udume lwengozi ngoMxolisi.
Uthe umufi ubengomunye wamadodana akhe futhi ubesekomitini labantu abasha abakhonza e-ECC, wabamba iqhaza ekugqugquzeleni uhambo lokuzithiba ocansini. "Lala ngokuthula Hlabangane! Ulwile wakunqoba ukufa."
UMxolisi waduma kakhulu ngeZulu Love Letter kangangoba le ngoma yagcina seyiphendulwa ingoma yomjuxuzo nguDJ Nkoh, eyenzela iqembu lekwaito iSkomplazi. Iphimbo likaMxolisi belingasapheli emisakazweni emikhulu yakuleli, okuwuKhozi FM neGagasi FM.
Umufi ugcine esemenywa emicimbini emikhulu njengePoetry Africa Festival lapho amele khona iNingizimu Afrika ngo-2016.
Yingakho abagqugquzeli bomkhosi nabo bebhonge emswanini. UMxolisi ubengagcini ngokuhaya izinkondlo kodwa ubambe iqhaza ezinhlanganweni eziningi ngenhloso yokukhuthaza ubumbongi nokuvumbulula ikhono elisha. Ungomunye wabasunguli bePoet In A Suit, okungumcimbi obubanjelwa eBlue Waters Hotel. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakatholakali okhukumela umndeni. Udlula nje uMxolisi le ndima yobumbongi isazikhotha amanxeba ngokushona kukaScelo Mpungose, noBongani Mavuso.