UMCULI wezingoma zothando uMusa Sukwene uthi usezoziphathela umsebenzi wakhe ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe ne-Universal Music.
UMusa odume ngezingoma okubalwa kuzo ethi Mthande ayenza noRobbie Malinga, ongasekho, uthe usezinhlelweni zokusungula inkampani yakhe yokuqopha.
NgoLwesihlanu ukhiphe i-albhamu yakhe yesine ne-Universal ethi Backroom, obekungeyokugcina ukuthi ayikhiphe ngaphansi kwale nkampani.
“Ngimatasa ngenkampani manje kodwa bengifuna kuphele kahle inkontileka yami ngingashiyi izinto zilenga. Le albhamu ngeyokugcina ne-Universal kodwa sizoba nezingxoxo zokusebenzisana ukuthi bangisabalalisele umculo. Okwamanje ngizogxila kimi. Ngeke ngisayine muntu mhlawumbe yinto engizoyenza ngokuhamba kwesikhathi uma sengiyibambile inqola,” kusho uMusa.
I-albhamu yakhe inezingoma ezingu-11 kanti upike uKwesta, Zamoh Cofi, Zama Khumalo, Mnqobi Yazo neBeyond Vocal.
“Ngikhuluma ngothando lwaselokishini. Isifiso sami bekuwukwenza i-albhamu ekhumbuza abantu baselokishini ngendlela esilwazi ngayo uthando. Uthando esilwazi sikhula abanye abalitholanga ithuba lokulubona,” kuchaza yena.
Ingoma ayicula neBeyond Vocal ethi Umthandazo ingeyekholo futhi uthi ngokuhamba kwesikhathi kungenzeka enze nezinye zalolu hlobo.
Uveze ukuthi empeleni i-albhamu yakhe uqede ukuyenza ngonyaka odlule kodwa wangayikhipha. Ukhipha nje, selokhu agcina ngethi Musa ngo-2018.
“Ididiyelwe yimi noJR. Izinto engizifunde kuRobbie ngizisebenzise kakhulu. Bengihlala naye estudiyo ngisho enza umsebenzi wabanye ngafunda okuningi. Uyezwa ukuthi nemisindo eminingi ngiyithathe kuye, ngifune yena lapho engakhona ngambuyisa ngale albhamu. Ngijabule ngayo futhi yiwona msebenzi wami omkhulu odlula yonke. Izibalo zokudayisa azikuvezi lokho kodwa ngokuyididiyela ngenza kahle,” kuchaza yena.
Uqhube wathi ekuqaleni kwenyanga ezayo uzokwenza umjikelezo ozohambela emadolobheni okubalwa kuwo eThekwini, Gqeberha, Nelspruit namanye.
Uphethe ngokululeka abaculi abangenele umncintiswano ama-Idols SA aqale ukukhonjiswa ngeSonto kuMzansi Magic ngokuthi abazimisele.
UMusa waqala ukugqama ngemuva kokunqoba kulo mncintiswano ngo-2013.
“Kumele bazimisele ngoba abanye baya bezitshele ukuthi kulula. Umuntu kumele azimisele azi ukuthi kuyosetshenzwa.”