EMIZAMENI yakhe yokufuna ukuthuthukisa abalingisi abasha uPastor Mjosty ube nenhlolokhono ngoLwesihlanu yokuthungatha abalingisi befilimu yakhe iKwaito Church Service.
Inhlolokhono, intsha ebikade iphume ngobuningi bayo kuyo, ibiseBat Centre, eThekwini.
UMjosty uthe kubajabulise kakhulu ukuthi intsha ifike ngobuningi bayo yize kube buhlungu uma sekukhona ephindela emuva ingabonwanga.
“Besilindele ukuthi kube nabantu abawu-250 kodwa isibalo sigcine sifinyelela ku-1 600. Abawu-400 bagcine bebuyela emuva ngenxa yokuthi bese kusebusuku. Inhlolokhono besiyihlelele usuku olulodwa kuphela. Yikho okuholele ekutheni abantu baphume kangaka,” kusho uMjosty.
Uthe ifilimu bazoyiqopha eThekwini nakwezinye izindawo ezisondelene neTheku ngoMeyi.
INGXENYE yentsha ebihambele inhlolokhono
“Besifuna abantu abaneminyaka ewu-15 kuya ku-60.”
“Le kuzobe kuyifilimu yesine, eyokuqala sayikhipha ngo-2005. Nakulena abantu abalindele amahlaya odwa kodwa-ke izinto zizoshintsha ngenxa yokuthi isikhathi sesihluke kakhulu manje kunesaqala ngaso,” kusho uMjosty.
Umqondisi womdlalo Ehostela, uMthunzi Dubazana, uyena obebheka konke esizwa nguye uMjosty, * -Irvin Sihlophe nomculi uLvovo.
UMjosty ubonge ihhovisi lamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku eliholwa nguMnuz Thembinkosi Ngcobo, elihlale limlekelela uma enza imicimbi yalolu hlobo.