UMFUNDISI futhi oyiphoyisa lasesteshini saseSundumbili, eMandeni, uPastor Zamashobane Linah Ntshalintshali, utshelwe yinyoni esandleni njengoba emele iNingizimu Afrika ku2021 Mrs Africa.
UZamashobane (35), odume ngelikaQueen Zama, uthe kuyamthobisa kakhulu ukumela indawo yaseMandeni neKwaZulu-Natal kulo mqhudelwano ozobe ubophele zonke izingqazu ezishadile zase-Afrika jikelele ezibophe ifindo likasofasilahlane.
"Ngishadile futhi nginezimomondiya zamantombazane. Ngokomsebenzi ngiyiphoyisa lophiko lweSAPS, umfundisi ogcotshiwe, umethuli wezinkulumo ezakhayo nomdansi wonyawo lwempungushe iBallroom and Latin American," kusho uZamashobane ongazwani nokuncishwa kwabantu besifazane amathuba ngenxa yezinkololezo.
Uthe usebenza nezinhlangano ezingenzi nzuzo nezisiza umphakathi okubalwa kuzo i-Othandweni Children's Home, Blessed Gerald's Care Centre, House of Hope neKhwezi Welfare.
"Ngibuye ngibe nohlelo lapho ngicija khona abafundi bamantombazane bakaGrade 11 no12 ngokubambisana neminyango kahulumeni ikungowezempilo, amaphoyisa noweDOC. Ngenhlangano yami engisiza ngayo umphakathi iQueen Zama Foundation, ngisiza imindeni eswele ngeminikelo yokudla, izingubo futhi kwesinye isikhathi nangefenisha."
Uthe wangenela iMrs Africa ngenhloso yokusabalalisa igama lakhe e-Afrika jikelele ukuze asabalalise imisebenzi yeQueen Zama Foundation.
*Ukuvotela uZamashobane uthumela i-sms ebhalwe ukuthi Mrs15 ku47018.