UMCULI osemncane okhipha i-albamu yakhe yokuqala namhlanje, uMfana Kah Gogo, uthi uphoqeleke ukuthi ashiye phansi abanye babangani bakhe abebona bezombambezela ekufezeni amaphupho akhe.
USipho “Mfana Kah Gogo” Mbonambi (19) uphothule u-matric eFundinduku Secondary, eTafelkop ngaseZwelibomvu, ngonyaka odlule, ungene kwazwakala endimeni yomculo esesesikoleni.
“Akukaze kufike lapho engike ngacabanga khona ukuthi ngiyeke isikole ngigxile emculweni ngoba bengihlale ngibukela kwabaphambili. Ngabona abakhetha ukuyeka isikole izinto zingabahambeli kahle, hhayi ukuthi kwenzeka kubo bonke. Ikusasa asilazi ngakho mina ngifuna ukuthi kube nento engibambelela kuyo uma umculo ungahambi kahle,” kusho uMfana Kah Gogo.
Uthe manje usegxile emculweni nakwezobuciko ngoba enethalente lokudweba. Uthe uqale ukudweba nomalume wakhe ngaphambi kokuthi akuqhube esikhungweni semfundo ephakeme.
Namhlanje ukhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi Inzalo kaSikabopha enezingoma ezingu-16.
Phambilini uke wakhipha izingoma ezihamba ngazodwa iJabula neHlal’Ethembeni.
“Kade ngazenza (izingoma) seziziningi kakhulu. Ukuba kuya ngami ngabe ngikhipha ngisho ama-albhamu amabili ngoba sonke isikhathi bengenza umculo ngisho ngibuya esikoleni kwesinye isikhathi,” kuchaza yena.
Kuyona upike abaculi okubalwa kubo uNomfundo Moh, DJ Karri, Major League nabanye.
“Ngikhuluma ngezinto ezenzeka kubantu njengothando, ukuhlukumezeka, ukubekezela, ubumnandi, ngempilo nje jikelele. Ngiyazibhalela izingoma. Umculo wami uhlangnisa umculo ongathi yi-kwaito nama-piano kodwa ashaya ngesigqi esingasheshi kanjalo ne-hip hop.”
Uthe unethemba lokuthi uzokwazi ukufeza amaphupho akhe ngomculo.
“Bayazikhuluma (abangani) izinto ezibhedayo abanye asisakhulumi nabo, ngigxile kwabakhuluma izinto ezakhayo. Ngifisa ukuthi ngivuse amakhaya kagogo, akamama nami ngibe namabhizinisi ami ukuze nabakhula emva kwami baphile impilo entofontofo bangasokoli.”
Umfana kaGogo uke waphumela obala ngesimo esingesihle ekhaya lapho eqhamuka khona nesifiso sokushintsha izinto emndenini wakhe nokunika unina nogogo wakhe impilo engcono esebenzisa umculo.