INTANDOKAZI yomculi we-jazz, uThandiswa Mazwai, iyinyathele emsileni kubalandeli bayo ngokugxeka umuntu we-Operation Dudula oxoshe abantu baseSomalia, abebelethe izingane emtholampilo waseDaveyton, iBarcelona Clinic.
Le ndoda elingatholakalanga igama layo, ixoshe abantu maqede yabachapha ngenhlamba, ithi bayizinja ezizovalela abantu bakuleli amathuba. Ngokusho kwePSAFLLIVE, amalungu e-Operation Dudula abizwe ngumphakathi wakule ndawo obukhala ngokunikezwa kwabantu abakuleli ngokungemthetho usizo lwezempilo mahhala, esikhundleni sabakuleli abakhokha intela.
UThandiswa uzithintele iziqandu ngokugxeka isenzo samalungu e-Operation Dudula kwiTwitter.
"Ukuhlanya lokhu! Nibiza abantu ngezinja. Hawu! Lafa elihle! Baphela nya ubuntu. Ngiyazi nicabanga ukuthi sinelungelo lokuziphatha kanje kodwa ngiyanitshela, uma ubuntu sebuphelile emntwini, sonke siyaphela njengabantu! Futhi nibonile.
“Abantu baseNingizimu Afrika baphelelwe ngubuntu babo! Unembeza dololo," kubhale uThandiswa.
Ngokusho njalo, uThandiswa uziqhathe noFaderr onxuse uThandiswa ukuba agxile emculweni.
"Siyakuthanda njengomculi kodwa musa ukugxambukela ezintweni ezingakuthinti wena. Awuthengi ezitolo zabo kodwa ucabanga ukuthi ubuntu buzosebenza? “Gxila kokwazi kangcono sisi, ngikutshela ngenhlonipho."
NoCleo Mo ukhwele wadilika kuThandiswa, ethi osaziwayo abalwazi usizi olubhekene nabantu abahola kancane.
"Yihlazo ukuthi umuntu owake wazenza omunye wabantu abahluphekayo, akhulume ngobuntu emiphakathini ohlala emizini ebiyelwe futhi izingane zayo ezifunda ezikoleni ezizimele."
UJozzy Brown ubuze uThandiswa ukuthi useswele izinto angahlabelela ngazo yini?
"Yinkundla engafanele ukuba ukhulume kuyo nathi ngobuntu. Uyinyathele emsileni-ke manje, zizokukhalela. Thula ubheke. Sizokuqaqa uzizwe unqunu njengodadewenu uNtsiki."