ISIHLOKO: Sankofa
UMCULI: Thandiswa Mazwai
UHLOBO: Afro Jazz
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UTHANDISWA “King Tha” Mazwai ngiqale ukuqaphela ikhono lakhe esacula kwiJacknife yodumo lwengoma eyayithi Dal’ Uzobuya Nini ngaphambi kokugqama kwiBongo Maffin.
Esezimele yedwa ukhiphe ama-albhamu amathathu, okungethi Zabalaza (2004), Ibokwe (2009) neBelede (2016).
Isankofa yi-albhamu yesine kaThandiswa ezihambela yedwa. Uma uqhathanisa ama-albhamu akhe adlule, uyezwa ukuthi usekhule kangakanani emculweni.
Empeleni le-albhamu yenzelwe abantu basemhlabeni wonke jikelele, yingakho nesihloko sayo sicashunwe olimini olukhulunywa yisizwe sama-Akan eGhana, okusho ukuthi "Buyela Emuva Uyolanda Okwasala Ngemuva."
Kuhlanganiswe isigqi samahubo, Kora, Ngoni, Umrhube, okuzokwenza leli cwecwe lithakaselwe wuwonke wonke.
Ngeke ngimangale uma kungathiwa iqokwa emiqhudelwaneni emikhulu yamazwe ngamazwe.
Kuyasho ukuthi uphrojuselwe ngokuhlanganyelwa yizingwazi, okunguNduduzo Makhathini, Meshell Ndengeocello noTendai Shoko.
Le-albhamu iqoshwe emadolobheni amathathu, okuyiseGoli, New York naseDakar (okuyinhlokodolobha yaseSenegal).
Engikuphawulile ukuthi uThandiswa uyakholelwa kakhulu emculweni wakhe kangangoba akudingeki ukuthi aze ancetheze kuhulumeni.
Okungenza ngisho kanje yingoma ethi Emini.
Kule ngoma, engichaze kakhulu nge-bassline nesigqi sikamaskandi nesemfene, ukhwela uyadilika kuhulumeni wakuleli. Kunalapho ethi "Amasela Akaphume Ephalamende...Siphethwe Ngamasela Thina."
Ukhumbule njalo ukuthi uThandiswa usho lamazwi nje nokhetho selusemome.
Akagcinanga ngalena kodwa uphinde wasidedela isibhaxu ngethi Kunzima: Dark Side Of The Rainbow.
Uma uyilandela ipolitiki yamanje, uzokuqonda ukuthi uthini futhi ukhuluma ngani kwethi Biko Speaks.
Akukhona njalo ukuthi ukhiphe leli cwecwe ngenhloso yokulwa kuphela kodwa zimnandi zonke lezi zingoma.
Kukhona neyothando esihloko sithi Xandibona Wena (apike kuyo uThandi Ntuli). Angu-11 amanoni aboshelwe lapha.
Engomeni ethi With Love To Makeba, uThandiswa uhloniphe izinkakha zomculo ezingasekho ezinjengoMirriam Makeba, Busi Mhlongo, Hugh Masekela noMadosini.
Ezinye izingoma ozozithakasela ngezithi Kulungile (apike kuyo uNduduzo), Children Of The Soil, Dagon, Sabela nethi Fela Khona.
Ngakho uma uzifela ngomculo we-jazz, nomakanjani uzolithakasela leli cwecwe.