ISIHLABANI somculo kamaskandi uSthembiso "Mroza" Fakude, sisobishini ngemva kokuvulelwa icala lokushaya kabuhlungu obeyintombi yakhe, uNosipho Mhlongo. ngenxa yokuqhathwa yimoto.
Isolezwe Ngempelasonto lizibonele ngawalo inombolo yecala elivulwe nguNosipho esiteshini samaphoyisa saseTsakane, eGauteng, eduze kwalapho uMroza aqashe khona.
Iphephandaba lihabule ukuthi umculi wodumo lwengoma ethi Elamanqamu Namhlanje (Siyobulala U-Van Dame) ugcwele amathafa futhi ukhonjwa ngakubo eMkhuze, lapho esebalekele khona emuva kwesigameko.
Lo mculi, waqopha umlando ngokuba ngumculi kamaskandi wokuqala ukuhlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM. Kuthiwa umculi waxhimfa ngesibhakela uNosipho, wamphula umlenze ngensimbi maqede wamgqema udume lwengozi ekhanda ngetshe, nangensimbi yemoto ngo-Ephreli 10, ngezithuba zabo-2 emini.
Eluchaza udaba uNosipho (35) uthe uMroza, abesathandane naye iminyaka emithathu, wafika kuye eGoli, ezothatha imoto ngenhloso yokuyoyipenda.
"Waboleka imali kusisi wami. Wahamba nemoto yami. Ngakusasa wangithuka wathi akasangifuni. Ngase ngimbuza ukuthi imoto yami ikuphi? Wangangiphendula. Ngaze ngafonela i-tracker yemoto eyangisendela i- location yalapho imoto," kuchaza uNosipho.
UNosipho uthe wayifica imoto lapho kwakuthiwa ikhona. "Ngafike ngakhuluma nobhuti owayeyilungisa imoto, wafonela uMroza owathi uyeza. Wathi uma efika, akabuzanga lutho. Wangishaya ngisibhakela futhi wathatha insimbi wangishaya ngayo onyaweni. Wathatha itshe wangishaya ekhanda ngopha, ngawa."
UNosipho uthe ngenxa yokuthi wayesephukile, uMroza wabe esethatha ukhiye wemoto nefoni kaNosipho.
"Wahamba, wangabe esabheka emuva. Mina ngaya esibhedlela kusukela ngomhla ka-10, kuze kube manje akaze efike ukuzongibona ukuthi nginjani. Ukhiye wemoto kuthiwa uze wathumela ukuthi bawuhambise kumapendana. Ulokhu efona engithuka futhi ethumela ama-Voicenote. Uke waya ekhaya ethi uyohlawula kodwa wafike wangenza lutho."
Ebuzwa ngezinsolo, uMroza uvele wathi "amampunge, uyabazi abantu ukuthi benza kanjani."
Ephekwa ngemibuzo, uMroza uvele wayiziba. UNosipho uthumelele intatheli imiyalezo kaMroza lapho abevuma khona ukuthi uyile kubo kaNosipho eyoxolisa, kwathiwa akahlawule ngezinkomo ezimbili nezimbuzi ezine kodwa akakhiphanga lutho ngoba ubengalindele.
Uthe akanandaba nokuya ejele, esho kwiVN. UNosipho uthe akasamfuni nalapho ehambe khona uMroza futhi ilanga lingawa licoshwe yizinkukhu.