UMCULI we-afro pop, uSenzo Afrika, ucebisa ozakwabo kwezomculo ukuba balandele ezinyathelweni zakhe, bangenise emidlalweni yethelevishini njengoba lokhu kuzobasiza ukuthi bandise indlela abangenisa imali ngayo ngobuciko babo.
Iphimbo likaSenzo, wodumo lwengoma ethi Awuphiki, selizwakale emidlalweni eminingi yethelevishini kubalwa nemibili ekhonjiswa kwi-etv manje, Isitha neSiphetho.
Engxoxweni neSolezwe, uthe kungabasiza kakhulu ozakwabo ukuzama izindlela zokwenza njengaye futhi kungenza ukuthi babe nenye indlela yokungenisa imali ngaphandle kokuqashwa nokuthengwa komculo wabo.
“Lena yindlela enhle nehlukile yokwenza imali futhi okunye engikuthanda ngayo wukuthi inamathuba amaningi ngoba uma iphimbo lakho lisebenze ezingomeni zomdlalo othile, usuyohlale uthola imali ngalokho ngisho lowo mdlalo sewaphela. Ngoba uma kwenzeka uphindwa noma uqalwa phansi, kungena imali kuwena,” kusho uSenzo.
Eqhuba uthe amaciko kumele asukume, angalindi ukuthi aze acelwe ukwenza imisebenzi enjengalona awenzayo, into athi naye yamsiza ukungenisa emidlalweni yethelevishini ngomculo.
“Ngacetshiswa ngumama wengane yami ukuthi ngixhumane noMandla N weBlack Brain Pictures ngimazise ngekhono lami lokucula. Kwathi sengimthumelele enye yezingoma zami, saqala ukusebenza kanjalo ngo-2019 emdlalweni wakhe osuwaphela, iLockdown, njengoba sesilana esikhona manje,” usho kanje.
Uthe manje useyazi ukuthi noma ngabe umculo wakhe awumenzeli imali, unayo into azobambelela kuyona njengoba esenesivumelwano sokusebenzisana neBlack Brain Pictures.
“Yinqwaba izingoma esengiziqophele iBlack Brain ukuthi izisebenzise emidlaweni yayo eyahlukene, eminye yayo engakakhonjiswa kwithelevishini, kanjalo nalowo okhonjiswayo manje kwiNetlix othi Piano Love.
“’Ngaphezu kwalokho ukusebenza noMandla N kungisize kakhulu ngamathuba okwenza lo msebenzi emidlalweni eyahlukene yezinye izinkampani ezikhiqiza imidlalo yethelevishini, eminye yayo engakakhonjiswa,” kusho yena.
Eminye imidlalo uSenzo, ogama lakhe lokuzalwa wuSenzo Shazi, okuzwakale iphimbo lakhe kuyona yiDiep City, Vula Vala, The Black Door, Side Dish, Proof of Payment, Lenyalo Ha Se Papadi, Finding Melusi ne-Clean Job.