UMBHAQANGA uhlobo lomculo olunomlando wesintu kepha kubukeka sengathi usubukelwa phansi ngeminye imisakazo. Emisakazweni emikhulu alukho uhlelo oluqondene nawo futhi nasemicimbini emikhulu akuvamisile ukuthi kube nomculi onandisa ngawo.
Yize kunjalo uNonto “DJ Nonto” Macamba, intokazi yaseDutywa, e-Eastern Cape, izakhele ugazi ebantwini abathanda umculo womgxobanyawo, okuyisiteketiso sombhaqanga.
UDJ Nonto (47) uvuse uthando ngisho nakubaculi abehlukene imbala ngoba sebeyamthumela izingoma zabo ukuze aziqhakambise kwiTik Tok. Kwi-TikTok, uvela edansa futhi elingisa izingoma zombhaqanga kuze kube sengathi ziculwa nguye.
UNonto uchaka kanje ngogqozi lombhaqanga: "Nabantu sebeyangifonela bafune ngibadlalele noma iyiphi ingoma. Yingoba basuke bazi ukuthi zimbalwa izingoma engingathi angizazi zombhaqanga. Ngicishe ngibazi bonke abaculi bombhaqanga, abadala nabasha."
Echaza ngokungena emculweni womgxobanyawo uthe uqale ukuzifela ngalo mculo ngenxa yokumnewabo ongasekho obengumlandeli wamaSoul Brothers.
"Inkosana yakithi ikhule ilalela umculo wamaSoul Brothers kwaze kwaba iyadlula emhlabeni ngo-2019. Ngabe sengiqhubeka lapho yayigcine khona. Nami ngiyophuma ngebhokisi kumbhaqanga. Kunento nje eyenzekayo kimi uma ngilalele nanoma iyiphi ingoma yombhaqanga."
Uthe uyafisa eminyakeni ezayo kube nendumezulu yomcimbi ohlanganise bonke abaculi bombhaqanga.
"Ngiyafisa ngelinye ilanga ukuhambela amazwe ngamazwe neSoul Brothers."
Umbhaqanga wabekwa ebalazweni ngabaculi abanjengoSoul Brothers, Lucky Dube, Jabu Khanyile, Pat Shange, Steve Kekana, Abakhwenyana, Abangani, Sgebengu Nomagilogilo, Madlala Brothers, Thisha Nzuza nabanye.
Awugcinanga lapho kodwa ubuye wakhiqiza izihlabani zomculo kamaskandi ezinjengoHhashi Elimhlophe (obecula kwiMitshotshovu esiyiMpumelelo manje), uPhuzekhemisi (owayecula kwiSpecial 5) noBhekumuzi Luthuli (owayeyilungu loShomi).
Phakathi kwabaculi abasayibambile insimbi ishisa, kubalwa iSoul Brothers, Abangani, Ababekezeli, Mashwabana, Gudlugu, Ozakwabo, Vusi Ngcobo, Mdabu Ngqulunga, Bonani Mhlongo, Ofeleba nabanye abaningi.
UDJ Nto uyingane yesihlanu ebantwaneni abayisithupha kubo. Wafunda eBolotwa Senior Secondary, naseVulindlela High ngaphambi kokubhekisa amabombo akhe eGoli, lapho esebenza khona ekhemisi. Yize engakashadi kodwa ubusiswe ngabantwana abathathu, nakuba omdala adlula emhlabeni.